Uhlalele ethembeni lokuthi izovuselelwa inkontileka kaHappy Mashiane (26), uThato Matuka, ophethe izindaba zalo mdlali olizwa ngendaba ijezi kwiKaizer Chiefs.
Lo mdlali oyibamba emuva ohlangothini lwesinxele, unyuselwe eqenjini elikhulu ngumqeqeshi u-Ernst Middendorp ngo-2019. Ungomunye wemikhiqizo yezinkulisa zaMaKhosi.
Ufike ethwelwe ngeqoma ngenxa yezimanga ebezenza eqenjini leDStv Diski Challenge ngaphansi komqeqeshi u-Arthur Zwane.
IChiefs imgixabeze ngenkontileka yeminyaka emihlanu esikhulu, yayelula ngeminyaka emibili ngo-2022. Lokhu kusho ukuthi ngoJuni ngomunye wabadlali abaphelelwa yizinkontileka eNaturena.
Ukulesi simo nje, ngesizini ka-2020/21 uMashiane ubevutha engabaselwe, kucaca ukuthi uzobanjwa kude. Ukhathule indima enkulu ekutheni iqembu lakhe lifinyelele kowamanqamu weCaf Champions League. Sekuwumlando ukuthi AmaKhosi akhala ngaphansi kwi-Al Ahly yase-Egypt, emuva kokuthola kwakhe ikhadi elibomvu
Kuyo isizini ka-2020/21, uMashiane washaya amagoli amathathu wakhanda namanye emidlalweni yeligi ewu-18.
Kwisizini ephezulu, izinto azihambi kahle neze ngaphansi komqeqeshi uCavin Johnson. Usadlaliswe kuphela emidlalweni emibili esuka ebhentshini. Kule midlalo, iChiefs yehlule iMoroka Swallows neRichards Bay. Kuyo yomibili ufakwe sekusele umzuzu umdlalo uphele.
UJohnson uqoka ukudlalisa uSifiso Hlanti noma u-Edmilson Dove emuva kwesokunxele. Seziqalile ukuvela izinkulumo ezithi iChiefs izomdedela uMashiane. Emaqenjini okuthiwa amgaqele, kukhona neChippa United. Kuvela nokuthi iChiefs ihlela ukumbolekisa.
UMatuka, obezwakala ezikhululekele, utshele Isolezwe ukuthi ulindele baziqale maduze izingxoxo neChiefs mayelana nenkontileka yalo mdlali wakhe.
Nakuba ekuvumile ukuthi akwehli kahle ukungadlali kukaMashiane kodwa uthe banalo ithemba lokuthi izophinde ivuselelwe inkontileka yakhe.
“Okwenzeka kuMashiane into yasebholeni. Kuke kube nesikhathi lapho izinto zibhimba khona bese kuthi kwenye isizini kuhambe kahle konke. Siseza isikhathi sikaMashiane. Ungomunye wabadlali abalazi ukusuka nokuhlala usikompilo lweqembu. Uwumdlali wezinga eliphezulu. Nginethemba lokuthi izophinde ivuselelwa inkontileka yakhe," kubeka uMatuka.
Okhulumela iChiefs, uVina Maphosa, akafunanga ukuphawula ngendaba kaMashiane, ezeseka ngokuthi akekho emsebenzini izolo.
IChiefs izoze ibuyele ensimini ngoFebruwari 13, seyibhekene neTS Galaxy, ePeter Mokaba Stadium.