IBAMBE ngakho emidlalweni yePSL Promotional Play Offs ngokusho komqeqeshi weRichards Bay FC, uVusimuzi Vilakazi, kulandela ukucazelana ngamaphuzu kweqembu lakhe neBaroka FC ngoMgqibelo, eGlobal Village, eLimpopo.
Kulo mdlalo ophele ngo 0-0, la maqembu akazange akhombise ukuthi alwela ukudlala esigabeni esikhulu sebhola laseNingizimu Afrika ngesizini ezayo. Nokho lo mphumela uvune iBay njengoba isinamaphuzu amane emidlalweni emibili.
UKanu uvezile emuva kwawo ukuthi ingcabha ibivele ikwiBaroka.
IBay iqede endaweni ka-15 kwiDStv Premiership kanti le midlalo yokuhlunga iyithuba layo lokugcina lokulwela ukugcina indawo yayo esigabeni esikhulu. I-University of Pretoria neBaroka bangene kule midlalo ngokuqeda endaweni yesibili neyesithathu esigabeni esingaphansi iMotsepe Foundation Championship.
EzikaKanu bezivule imidlalo ngokuhlula ngo 1-0 i-University of Pretoria kowalo wasekhaya ngeledlule.
AmaTuks akhala ngaphansi eThekwini, aqale eyokuhlunga ngokunqoba owawo wasekhaya ngo 1-0 kwiBaroka okulandelwe ukumiswa emsebenzini kukaDan Malesela.
Ngesikhathi ekhuluma nabezindaba emuva komdlalo uVilakazi uzwakalise ukwaneliseka ngephuzu ababuye nalo ekuhambeni yize ebengawathokozela agcwele.
“Obekumqoka ukuhlela ngendlela efanele futhi enenhlonipho ngoba size kulo mdlalo siqonda ukuthi iBaroka iyona ewufuna kakhulu umphumela,” kusho uVilakazi kwiSuperSport.
“Ngizishaya isifuba ngendlela abafana abahlale ngayo kulokhu ebesikuhlelile. Umphumela esiwutholile kufanele siwamukele ngoba akuwona lo ebesingawufuni (ukuwalahla wonke amaphuzu).
“Akukho okuzoshinstha ngaphandle kokuqhubeka nokusebenza ngokuzikhandla nokwazi ukuthi ayingozi kangakanani amaqembu esibhekene nawo kule midlalo.
“Ukhiye ukugxila kokwethu bese siqinisekisa ukuthi yonke imigomo esizibekele yona asigudluki kuyona,” kuphetha uVilakazi.
IBay ngeke ibuye ekhaya kepha izodlulela eGauteng lapho iyoqala khona amalungiselelo omdlalo olandelayo neTuks ngoMgqibelo.
IBaroka isihleli ngesinqe esisodwa kule midlalo kwazise ayikayitholi iwini. Izokwamukela amaTuks ngoLwesithathu ngo-3 ntambama kuyona le nkundla eseLebowakgomo, eLimpopo.