ULENGELA engozini yokujeziswa kanzima uGabadinho Mhango weMarumo Gallants okusabalele ezinkundleni zokuxhumana i-video nezithombe zakhe ehleli emotweni engungwe abantu, egcwele negazi ebusweni.
Abazibonele, bathi lo mdlali owazakhela igama kwi-Orlando Pirates, ushayise itekisi ehamba namantombazane amane emotweni yohlobo lwePolo.
Lesi sihlakalo kuthiwa senzeke ngeSonto emini, eBloemfontein, lapho kuzinze khona iGallants.
Kuthiwa ubebonakala engathi weqiwe yizinkamba zikaFaro.
Sekuyinto ejwayelekile ukuthi uMhango odabuka eMalawi, atholakale ezenzweni ezingezinhle.
Ngo-2021, esadlalela eZimnyama kwavela imibiko ethi wavalelwa ngabaphathi bendawo yokuzijuxuza ePitoli, ngoba ehlulwa ukukhokha isikweletu sotshwala sika-R26 000.
Kwaphinde kwavela nokuthi esadlala kuMaZulu nakwiMoroka Swallows, wake wamiswa emsebenzini ngenxa yezinsolo zotshwala.
USello Nduna okhulumela iGallants, utshele Isolezwe ukuthi basaluphenya udaba lwalo mdlali.
Uveze ukuthi bezwe ngalezi zindaba kwiWhatsApp yabalandeli beqembu labo.
"Sibe sesithumela ithimba eliye ukuyobheka uMhango ezindlini zeqembu ahlala kuzo. Ngebhadi akatholakalanga ngalo iSonto. Okuhle ukuthi usetholakele," kubeka uNduna izolo.
Uqhube wathi akafuni ukuphawula ngezinsolo zotshwala nokuthi ngabe likhona yini icala elivuliwe.
"Njengoba ngisho nje, nathi sisenza olwethu uphenyo. Uzolutheza olunenkume uma sithola ukuthi ubeshayela imoto ephuzile. SiyiGallants asihambisani nezinto ezingasile. Iningi labadlali bakithi libulawe yizimoto ngenxa yokungalali nokushayela liphuzile."
UMhango ungomunye wadlali abebesemabhukwini eSwallows abathengwe yiGallants nesitfiketi sokudlala kwi-Betway Premiership. Usedlale eyeligi emithathu.
Uyena oshaye elokubika bedliwa yiMamelodi Sundowns ngo-4-1, wangena esuka ebhentshini.
Ubengekho ngisho ebhentshini kwabashaye kuwo AmaZulu ngo 1-0 ngoMgqibelo, eFree State Toyota Stadium.
UNduna uthe uMhango akadlalanga kowaMaZulu ngoba ubenikezwe ikhefu.