KUBUYE ithemba kumqeqeshi we-Orlando Pirates, uJose Riveiro, lokubuyisa kweqembu lakhe umgqigqo eliqede ngawo isizini edlule yeDStv Premiership ngoba nabadlali basesiswini sebeqalile ukufaka isandla ekuhlohlweni kwamagoli.
IPirates ikhombisa izimpawu zokuhlangana kusukela kuqale unyaka omusha okufakazelwa yibanga esilihambe kwiNedbank Cup kanti nakwi-ligi ilokhu iqhubekile nokuthola imiphumela emihle.
Ngokwezinombolo isiwombe sesibili sesizini edlule sisongwe iPirates ingcono kunawo wonke amaqembu kodwa yagcina ingaphumelelanga ukuba yiphela endlebeni kwiMamelodi Sundowns.
Igcine iqede endaweni yesibili nokuyinto aseyishilo uRiveiro ukuthi angayijabulela ukuthi bayiphinde kwazise iSundowns isaqhubeka nokukhonya esicongweni.
Kusukela efikile kwiPirates uRiveiro, iqembu lakhe liyahluleka ukusondela kwiSundowns kweyeligi yize kweminye imidlalo likucacisa ukuthi uma lingabamba umgqigqo, lingagcina liyinkinga kuRhulani Mokwena ocija i’Downs.
Lo mqeqeshi waseSpain uhlale njalo ekubalula njengento emkhathazayo ukuhluleka kweqembu lakhe ukubamba umgqigqo.
Ngesikhathi ekhuluma nabezindaba kulandela ukuqhathwa kwakhe naMaZulu FC kwi-quarter final yeNedbank ngeledlule eGoli, uRiveiro uveze intokozo ngokufaka isandla kwabadlali basesiswini ngamagoli.
Ukuvuka kukaMonnapule Saleng, ukubuya kukaTshegofatso Mabasa kwenza kukhohlakale ukuthi u-Evidence Makgopa ulimele ekubeni kusekhona, uZakhele Lepasa noKermit Erasmus.
“Isimo esikusona sifana ncamashi nesesizini yanyakenye lapho sibe iqembu elingcono kunawo wonke kwiligi esiwombeni sesibili ngokwezinombolo.
“Kusesekuseni ukuthi sesingaqala ukukhuluma indaba enjalo kodwa ngeke ngikuphike ukuthi iqembu liya ngokuya liyasondela kulo mgqigqo eliwudingayo.
“Enye yezizathu ezisobala ngalokhu esisondela kukhona ukuba sefomini enhle ngesikhathi esisodwa kwabadlali abahlukene nesibheke kubona amagoli.
“Nangesizini edlule besisesimweni esifanayo okuyinto engethusi kangako ngoba iPirates vele kufanele igqishe ngabadlali bohlobo oluphambili kuzona zonke izindawo.
“Kuyinhlanhla yethu ukuthi sinabadlali abaningi abasefomini kulezi zinsuku yingakho nemiphumela ilokhu iya ngokuya ithembisa,” kuphetha uRiveiro.
IBucs izobuyela kwiDStv Premiership ngomdlalo weSekhukhune United ngoMgqibelo ngo-5.45 ntambama, ePeter Mokaba Stadium ngenhloso yokuzinza endaweni yesibili kwi-log.