Mamelodi Sundowns (0) 1
Asfar Rabat (0) 0
IMAMELODI Sundowns Ladies ingene kowamanqamu eCaf Women’s Champions League okwesithathu kulandelana iguqisa i-Asfar Rabat yaseMorocco ngo 1-0 kowandulela owamanqamu e-Amadou Gon Coulibaly Stadium esedolobheni iKorhogo, e-Ivory Coast.
Lo mdlalo obungoLwesithathu ebusuku, bekungowamagqubu kwazise i-Asfar yabukisa ngamaSandawana kowamanqamu nyakenye ngesikhathi iwahlwitha isicoco, iwaxebula ngo 4-0.
La maqembu ayehlanganile nango-2021 amaBrazilians eba yiqembu lokuqala ukuphakamisa le ndebe. Kulokhu atholana phezu esigabeni samaqoqo adlala ngokulingana ngo 0-0.
Iqembu likaJerry Tshabalala lingene ligijima kowandulela owamanqamu njengoba liqhwakele kuGroup A ngamaphuzu ayisishiyagalombili kulandela ukuyinqoba yomithathu imidlalo yamaqoqo.
Lithele phansi iJKT Queens yaseTanzania ngo 2-0, ladlula kwiSporting Casablanca yaseMorocco ngo 1-0 ngaphambi kokubhaxabula iqembu llasekhaya i-Athletico Abidjan, ngo 3-0.
I-Asfar ilale isibili kuGroup B ngamaphuzu ayisithupha. Iwuvule ngebatha umqhudelwano iqunjwa phansi yi-Ampem Darkoa yaseGhana ngo 2-1 kodwa yavuka yazithatha yanqoba iHuracanes yase-Equatorial Guinea ngo 1-0 ne-AS Mande yaseMali ngo 2-0.
Kusheshe kwacaca ukuthi kuhlangene inkukhu nempaka esiwombeni sokuqala njengoba womabili amaqembu abekhombisa ukuluqinisa unyawo uma emakana, ekhuza ekhuzile unompempe.
Lokhu kube nomthelela ezingeni lebhola ebelidlalwa njengoba bekugcina kungasafikeki kahle phambili kuzona zombili izinhlangothi.
AmaSandawana abezama ukusebenzisa uChuene Morifi noNonhlanhla Mthandi ukuthi kube yibona abathwala ibhola kodwa bahluleke ukuligobela epalini ngendlela efanele uma sebefike phambili.
I-Asfar nayo ibingazibekile phansi kubhidlange uGhizlane Chebbak noFatima Tagnaout, ababewuhlupho nangonyaka odlule ngesikhathi la maqembu edudulana kowamanqamu.
Kuze kwayiwa ekhefini zibambene ngo 0-0, onozinti bobabili bengakavimbi mabhola athusayo.
Isiwombe sesibili siqale kangcono iSundowns isikwazi ukuligcina ibhola, kukhombisa ukuthi kukhona umqeqeshi abacebise ngakho ngesikhathi sekhefu.
Ithuba lokuqala litholwe nguRefilwe Tholakele, ngomzuzu ka-51, ephenduka nebhola ngaphandle kwebhokisi ngaphambi kokudonsa intambo eceze kancane epalini.
Uphinde wazama ekude ngomzuzu ka-66 noka-70, kwasebenza unozinti we-Asfar, uKhadija Er-Rmichi kuzo zombili izikhawu.
Kugcine kuwalungele amaSandawana ngomzuzu ka-73, uRabale eshaya umgundatshani oshosholoze wayongena enethini kulandela ukuhluleka kweRabat ukukhipha ibhola ebeliqhamuke kwikhona.
Leli qembu laseMorocco belizama ukuhlasela ukuze lithole igoli lokulinganisa kodwa kunzima ngenxa yokuthi iSundowns ibisilimpintshele engxenyeni yalo yenkundla, umdlalo waze waphela ngo 1-0.
ISundowns isizobanga isicoco neqembu elizonqoba phakathi kwe-Ampem Darkoa neSporting Casablanca. Umdlalo wamanqamu uzobanjelwa e-Amadou Gon Coulibaly Stadium ngeSonto ngo-10 ebusuku.