USELANGAZELELA ukubona iqembu lakhe lilungisa lapho lingenzanga khona kahle kwiCaf Women’s Champions League, umqeqeshi weMamelodi Sundowns Ladies, uJerry Tshabalala.
Lokhu uTshabalala ukusho ngemuva kokunqoba umqhudelwano weCosafa, AmaSandawana athele phansi kuwo iDouble Action Ladies yaseBotswana ngo 2-0 kowamanqamu womqhudelwano weCosafa wokuhlungela iChampions League, obuseSugar Ray Xulu Stadium, eClermont, ngoLwesihlanu.
Lo mphumela yiwona owanikeze ithikithi lokuya koweCaf. Lokhu kusho ukuthi le liqembu laseTshwane lizophinde limele isifunda seCosafa kwiChampions League ezodlalelwa e-Ivory Coast ngoNovemba.
Kuzobe kungokwesithathu lingena kulo mqhudelwano kusukela wasungulwa ngo-2021. Ladla isicoco kowokuqala ngokunqoba iHasaacas Ladies yaseGhana ngo 2-0 kowamanqamu, laguqiswa yi-AS Far yaseMorocco ngo 4-0 kowamanqamu nyakenye.
“Kumele ngiwashayele ihlombe amantombazane ami, ithimba labaqeqeshi, elodokotela nawo wonke umuntu oyingxenye yale liqembu. Senze umsebenzi omuhle kakhulu. Bekuwumqhudelwano onzima ngoba sifike nabadlali abambalwa abalimele.
“Kumele ngiwatuse amantombazane ngendlela asebenze ngayo. Kwesinye isikhathi ngike ngibathethise kodwa benze konke okusemandleni abo futhi ngijabule kakhulu,” kusho uTshabalala.
Uthe bayajabula ukuthi babuyela kwiChampions League futhi kuzoba yithuba lokwenza okungcono kunalokhu abakwenze ngonyaka odlule. Lo mncintiswano unzima ngakho-ke bayazi ukuthi kumele bakhuphule amasokisi bese beyathuthuka ngayo yonke indlela.
Uqhubeke ngokuthi uke waxoxa nethimba lodokotela ebazosa ukuthi angajabula kakhulu uma bengaya e-Ivory Coast engekho umdlali olimele. Nyakenye uthi baye eMorocco benabadlali abambalwa abalimele, kumqoka ukuthi banakekelwe ngendlela efanele emasontweni azayo.
UTshabalala ubuye wancoma wonke amaqembu abebambe iqhaza emqhudelwaneni weCosafa wathi uyaziqhenya ngendlela izinga lebhola elikhuphuka ngalo kusukela ngo-2021 kuze kube manje.
“Kufanele siwancome amaqembu aseNingizimu ne-Afrika. Ibhola selikhule ngempela futhi uyabona ukuthi wonke ayathuthuka unyaka nonyaka. ”Okuphinde kwangijabulisa wukubona iDouble Action iletha inqwaba yabadlali abasebancane kulo mqhudelwano, iGreen Buffaloes yenze okufanayo. Lokhu kuchaza ukuthi nekusasa liqhakazile,” kuqhuba uTshabalala.
Unozinti weSundowns, u-Andile Dlamini, uqokwe njengonozinti ovelele kulo mqhudelwano kwathi u-Andisiwe Mgcoyi kwaba nguyena oshaye amagoli amaningi.
Nakuba ebelingana nabanye abadlali abahlohle amagoli amathathu kodwa waphuma phambili ngemuva kokuthi amajaji esehlaziye okwenziwe ngumdlali ngamunye kulo mqhudelwano.
ULesego Radiokanyo weDouble Action Ladies uqokwe njengomdlali ovelele kulo mqhudelwano weCosafa.
ISundowns Ladies isizogxila kwiHollywoodbets Super League lapho isilele khona endaweni yesibili kwi-log ngamaphuzu angu-50.
Isele ngayisikhombisa kwi-University of Western Cape kodwa le liqembu laseKapa selidlale imidlalo emibili ngaphezulu.
“Ukunqoba isicoco seCosafa kunyuse ukuzethemba kwethu. Besingawashayi amagoli amaningi kangaka kwiligi yethu emidlalweni yakamuva kodwa ngiyethemba ukuthi umqondo ebesinawo kulo mqhudelwano uzoqhubeka nakwiSuper League,” kuphetha uTshabalala.