University of Pretoria (1) 1
Mamelodi Sundowns (1) 1
(ISundowns inqobe ngo 4-3 sekukhahlelwa amaphenathi)
IMAMELODI Sundowns izibeke ethubeni lesinye isicoco kule sizini yePremier Soccer League, idlulela kweyandulela owamanqamu eNedbank Cup ngokushaya omkhaya i-University of Pretoria emdlalweni wama-quarterfinal alo mqhudelwano obudlalelwa eLucas Moripe Stadium, e-Atteridgeville, ngoLwesihlanu ebusuku.
Ukufinyelela kweSundowns kowandulela owamanqamu eNedbank, kuyibeka ethubeni lokulwela ukunqoba esinye isicoco njengoba isanda kuzibekisela indawo nakowandulela owamanqamu eCaf Champions League, kanti futhi isethubeni elihle kakhulu njengamanje lokukhala yemuke nesicoco seDStv Premiership.
Okuqaphelekile ngeSundowns kulo mdlalo wayo namaTuks wukubophela isikimu sayo esiqinile eyaziwa ngaso emidlalweni yeDStv Premiership, okuyinkomba yokuthi ibingasinisi mahleza ngalo mdlalo.
ISundowns ithole igoli kuqala ngonyawo lukaLucas Ribeiro umdlalo usanda kuqala ngemuva kwebhola ebelidlalwe kahle uThemba Zwane ngesithende laphinda ladlalwa wuThapelo Morena ngaphambi kokuqedelwa wuRibeiro.
kodwa izimbangi azizange zizithambise. AmaTuks adlala kwiMotsepe Foundation Championship ngemuva kwegoli, aye ngokuya akhombisa ukuqina emuva, obekwenza kungabi lula kwiSundowns ukuzenzela umathanda.
Ukungahlali emuva kwamaTuks nokuhlasela kwawo kugcine kuholele ekutheni athole i-free kick ngemuva kokudlaliswa kabi kukaDelano Abrahams wuGrant Kekana.
I-free kick eshaywe wuSamuel Julies iqedelwe wuye u-Abrahams ngomzuzu ka-32, kwaba yigoli lokulinganisa.
ISundowns ebisilwela ukuthola elesibili ithole i-free kick ngomzuzu ka-36 yashaywa wuTeboho Mokoena oyisethenjwa kodwa unozinti wamaTuks, u-Edward Maova wala ukhasha ezintini ephebeza ibhola.
Esiwombeni sesibili umdlalo uqhubekile nokungacaci ukuthi uzoya ngalaphi.
Emizuzuwini eyishumi ngaphambi kokuphela komdlalo, iDowns izinguquko ifaka isithenjwa somgadli uPeter Shalulile noSiyabonga Mabena ngenhloso yokuthola igoli.
Ukwala ukhasha kodonga lwasemuva lwamaTuks nokwehluleka kweDowns ukulugqobhoza kuholele ekutheni umdlalo uphele zibambene ngo 1-1 emizuzwini engu-90, kwaze kwayiwa esikhathini esengenziwe nakhona ayangaba bikho egoba uphondo, zagcine ziya kumaphenathi.
Kumaphenathi unozinti weDowns, uRonwen Williams uvimbe amaphenathi amabili egeza uThokozani Sekotlong noSingnkhi Mpedi, uMaova wamaTuks wavimba ekaGaston Sirino, wagcina eqokwe njengomdlali ovelele kulo mdlalo ngokuvimba amabhola anzima nasemdlalweni.
AmaTuks asezogxila embangweni wesicoco seMotsepe League. Asendaweni yesibili ngamaphuzu awu-44 ngemuva kweMagesi eqhwakele ngawu-45.