SITHEMBISO MKHIZE
OWAYEWUNYAZI lomgadli kwiKaizer Chiefs, uSithembiso "Imoto Entshontshimali" Ngcobo ubona leli qembu lisazoqhubeka nokuba yithofi le-Orlando Pirates emdlalweni womkhaya baseSoweto ozoba ngeSonto, ngo-3 ntambama, eFNB Stadium.
UNgcobo owagijima imidlalo ewu-50 kuMakhosi phakathi kuka-2010 no-2013, utshele Isolezwe ukuthi kufe yonke into eqenjini lakhe elidala, kusukela ezintini kuya kubagadli.
Uqhube wathi ayikhohlwe iChiefs ukuthi izozibuyisela kwiPirates, mhlawumbe kuzoze kulunge ngesizini ezayo, uGavin Hunt oqeqesha leli qembu esethenge abadlali abazodlala leli bhola alifunayo.
"Nakuba kubuhlungu kunjalo kodwa iqiniso lithi iChiefs izophinde ikhale ngaphansi. Abafana bePirates badlala ibhola elimnandi futhi bayawaqoqa amaphuzu kulezi zinsuku. AbeChiefs benza amaphutha afana nawezingane zesikole nashayisa nangamahloni. Ngicabanga ukuthi noHunt usezitshelile naye ukuthi abalandeli beChiefs useyoze abajabulise ngesizini ezayo.
"Kuningi okungekuhle ngalaba badlalali abakhona, baphelelwe nawukuzethemba. UHunt kuzmele athole unozinti, izitobha zezinga eliphezulu nabadlali basesiswini abazoba yizinjini. Phambili kungcono ngoba ukhona uSamir Nurkovic kodwa naye udinga umuntu ozomlekelela, ngeke anqobise iChiefs eyedwa," kubeka uNgcobo odlale nakwiFree State Stars naMaZulu.
Kule sizini eZimnyama sezishaye iChiefs kathathu.
Zayihlula kabili kweyandulela owamanqamu kwiMTN 8, zinqoba ngo 3-0 nango 2-0 ngokwehlukana kwemilenze.
Emlenzeni wokuqala weDStv Premiership, ziphinde zanqoba ngo-2-1.
Emdlalweni womkhaya, iChiefs yagcina ukunqoba ngo-Febhuwari nyakenye ngo-1-0 wegoli likaLebohang Manyama.
Kule sizini, sekuphele imidlalo eyisithupha iChiefs yagcina ukunqoba. Yagcina ngeTshakhuma eyayibhaxabula ngo-3-0.
NgoLwesibili leli qembu likaHunt libambane ngeqanda nePedro de Luanda yase-Angola emdlalweni wamaqoqo eCaf Champions League League obusekuhambeni. Emlenzeni wokuqala yanqoba ngo-2-0.
UNgcobo odlalile ngaphansi kukaHunt, kwiBidvest Wits, akamshiyanga ngaphandle lo mqeqeshi ekubozeni kweChiefs.
"Ngidlalile ngaphansi kukaHunt, uwumqeqeshi ohlakaniphile, onesibindi, ukutshela emehlweni uma ungekho ezinhlelweni zakhe, akashoni ezintangeni. Usefike kwiChiefs wamane wangishintshela. Usevele waphenduka igwala. Akadlalise abafana leli bhola anqoba ngalo izicoco zeligi kwiSuperSport United nakwiWits.”
Kwi-log yeDStv Premiership iChiefs isendaweni ka-11 ngamaphuzu awu-20, emidlalweni ewu-18. Kulesi sibalo isanqobe imidlalo emine kuphela.
Ezimnyama ebezidlala ne-Enyimba izolo ebusuku koweCaf Confederation Cup, zilele isithuthu, ngamaphuzu awu-30 emidlalweni ewu-20.
Ngemuva komdlalo nePetro de Luanda uHunt ukhale ngokuba buthuntu kwabagadli nangokukhathala kwabadlali bakhe.
"Ukuba buthuntu phambili kusibulele, kumele siyilungise le nkinga. Sidinga nokuphumula, kula masonto edlule besihlala sisendleleni. Okuhle ukuthi sesiya emdlalweni wangempelasonto bese kuba ikhefu leFifa esizolungisa okuningi kulo. Ngiphoxekile ngomphumela kodwa ukudlala kahle kweqembu ekuhambeni kungijabulisile," kusho uHunt.
Imidlalo yeDStv Premiership yangempelasonto
NgoLwesihlanu - Ngo5pm: Stellenbosch v SuperSport United (Danie Craven).
NgoMgqibelo - Ngo-3pm: Golden Arrows v Cape Town City (Sugar Ray Xulu).
Ngo-3.30pm: Baroka v Bloemfontein Celtic (Peter Mokaba Stadium).
Ngo-5pm: TS Galaxy v Maritzburg United (Mbombela Stadium).
NgeSonto - Ngo-3pm: Kaizer Chiefs v Orlando Pirates (FNB Stadium).
Ngo-3.30pm: AmaZulu v Tshakhuma (Jonsson Kings Park).
Ngo-5pm: Mamelodi Sundowns v Black Leopards (Loftus Versfeld).