UMGADLI obeyinyama emaqenjini athathwa njengamakhulu kwiPremier Soccer League (PSL), uKhanyisa Mayo, uphumele obala ngokuwashwebisa kulandela ukuqoma kwakhe izinkunzi zase-Algeria i-Chabab Riadhi Belouizdad.
IChiefs esiqashe uNasreddine Nabi waseTunisia njengomqeqeshi, isasayine abadlali abambalwa kuleli windi lokuhwebelana ngabadlali.
Kulabo badlali akakabikhona umgadli. URushwin Dortley uyisitobha esisuka kwiCape Town Spurs, uBongani Sam naye uyisitobha esibolekwe kwi-Orlando Pirates, nonozinti uFiacre Ntwari osuka kwiTS Galaxy. Ngesonto eledlule Amakhosi amemezele umdlali waseswini, uGaston Sirino obekwiMamelodi Sundowns.
Iwindi lokuhwebelana ngabadlali livalwa ngoSepthemba 20, iChiefs isayamaniswa nabanye abagadli okubalwa, uLebogang Mothiba osanda kuhlukana neStrasbourg yaseFrance, noTumisango Orebonye we-AS Far Rabat yaseMorocco ebiqeqeshwa nguNabi ongumqeqeshi omusha waleli qembu laseNaturena. Bekuvela negama likaKhanyiso Mayo kodwa uqome ukusayinisana neCR Belouizdad yase-Algeria.
“IChiefs iyamdinga umgadli obukhali ozokwazi ukufika ashubise umbango wejezi kwabanye abagadli iqembu elinabo njengamanje u-Ashley Du Preez, uRanga Chivaviro noChristian Saile.
Kufanele ukuba kuyabakhathaza abaphathi beChiefs ukuthi ngesizini edlule iqembu libe nesibalo esincane kakhulu ekushayeni amagoli njengoba lishaye angu-25 kuphela isizini yonke emidlalweni yePremiership.
Lokhu kukhomba ngokusobala ukuthi iqembu liyamdinga umgadli obukhali, ozokwazi ukushaya amagoli,” kusho uMayo.
“Kulaba badlali engisazwile ngabo ukuthi isibasayinisile (iChiefs), akekho umgadli, ngakho kuyakhathaza lokho ekubeni iqembu lingenzanga kahle ekushayeni amagoli ngesizini edlule.
Nokho, iwindi lokusayiniswa kwabadlali alikavalwa, sisathemba ukuthi bakhona abadlali iqembu elisazobasayina. Umqeqeshi omusha, uNabi nethimba lakhe, ngikholwa wukuthi sebezibonile izindawo ezisashoda nezisadinga ukuqiniswa ikakhulukazi kule midlalo yakamuva yobungani esadlalwe yiqembu yokulungiselela ukuqala kwesizini.”
Ngesizini edlule bobathathu abagadli beChiefs uDu Preez, uChivaviro noSaile, bashaye amagoli angu-12 ngokuhlanganyela. Umdlali ngamunye phakathi kwabo ushaye amagoli amane.
UJasond Gonzalez akangashaya nelilodwa, useze waphindela eqenjini lakhe laseBolivia, iReal Santa Cruz, abebolekwe kulona.
IChiefs edlale uchungechunge lwemidlalo yokuzwana amandla namanye amaqembu ngesikhathi ikhempe eTurkiye muva nje. Isanda kunenebulwa ngo 4-0 yiYoung Africans komunye umqhudelwano wokuzivivinyela ukuqala kwesizini, iToyota Cup, eFree State Stadium, eBloemfontein.
Izovula isizini yePremiership neMarumo Gallants, eToyota Stadium, eBlomfontein, ngoSepthemba 14.