IKAIZER Chiefs isikhiphe incwadi yokuxolisa iyibhekise kwiPremier Soccer League (PSL) ngokungaziphathi kahle kwabalandeli bayo emdlalweni weDStv Premiership neTS Galaxy ngenyanga edlule.
Ngemuva kokuthelwa phansi yiRockets ngo 1-0 eMbombela Stadium, abalandeli baMakhosi bakhombisa ukuthukuthela bajikijela izigubhu bezibhekise kumqeqeshi wale liqembu uMolefi Ntseki.
Iqembu labekwa icala labe selivela phambi kwekomiti eliqondisa izigwegwe lePSL, lapho latholwa khona linecala labe selihlawuliswa u-R100 000.
Kulesi samba kudingeke ukuthi likhokhe u-R70 000, kwathi u-R30 000 walengiswa, inqobo nje uma bengatholakali benecala elifanayo ezinyangeni ezingu-24 ezizayo. IChiefs yaphinde yayalelwa ukuthi ishicilele isixoliso kwi-website yeqembu.
Encwadini ebiqondiswe kobambe isikhundla sokuba yisikhulu esiphezulu kwiPSL, uMato Madlala, Amakhosi athe: “IKaizer Chiefs ixolisa ngokuphelele kwiPSL, kuwo wonke amaqembu angamalungu ePSL, iTS Galaxy FC nakubo bonke abalandeli ngokungaziphathi kahle kwedlanzana labalandeli bayo emdlalweni we-PSL ngesikhathi ibhekene neTS Galaxy FC eMbombela Stadium ngo-Agasti 20.
“Iqembu liyakugxeka lokhu kungaziphathi kahle. Sesiluqalile uhlelo lokuxoxisana namagatsha abalandeli beKaizer Chiefs mayelana nendlela efanele yokuziphatha emidlalweni.”
Khonamanjalo, usihlalo weChiefs uDkt Kaizer Motaung, udlulise amazwi enduduzo kulandela ukudlula emhlabeni kwenye yezingwazi zale liqembu, uFrank ‘Jingles’ Pereira.
Le nkakha ebidabuka ePortugal yayingumgadli ngesikhathi ifika kuleli qembu lasePhefeni kodwa yaguqulwa yaba yisitobha. Phambilini yayisidlalele amaqembu afana neCape Town City, Highlands Park, Powerlines neVaal United.
“Lesi ngesinye sezikhathi ezibuhlungu kakhulu emlandweni wethu webhola ngoba uJingles ube nomthelela omkhulu eqenjini. Bonke ozakwabo nalaba ababedlalela amanye amaqembu babemhlonipha kakhulu ngoba wayengumdlali okhethekile,” kusho uMotaung.
“Kumele ngibonge umndeni ngokumnika lelo thuba lokuthi abe yingxenye yohambo lwethu aphinde abe yingxenye yomlando webhola lakuleli ngoba ube neqhaza elikhulu ekulithuthukiseni.
“Asisoze samkhohlwa. Engithanda ukukusho emndenini wakhe wukuthi siphatheke kabi ngokulahlekelwa futhi akubona bodwa abalahlekelwe, sigqemeke ingozi sonke emkhakheni kanobhutshuzwayo,” uphethe kanje.