UMA konke kuya ngamazwi omqeqeshi u-Arthur Zwane, iKaizer Chiefs ngeke ixhamazele emakethe njengoba sekuvulwe iwindi lokusayinisa abadlali kwiDStv Premiership.
IChiefs ivale unyaka u-2022 ngokwehlula iLamontville Golden Arrows ngo-2-0 eMoses Mabhida Stadium , eThekwini, ngempelasonto edlule. Idlale ngaphandle kukaKhama Billiat no-Ashley Du Preez abalimele. Nokho uqhubekile nokwenza umsebenzi umgadli uCaleb Bimenyimana, obuya ekulimaleni, oshaye igoli lokuqala laMakhosi. Elesibili lishaywe isitobha u-e-Edmilson Dove.
Emasontweni adlule, iChiefs ibachithile abadlali ebikade ibahlola obekubhekwe ukuthi izobasayinisa. Kulaba badlali kukhona isitobha uBradley Cross esiqale saziqeqesha neSuperSport United. Bekusabalele izindaba zokuthi Amakhosi afuna umdlali ozovala isikhala sikaNjabulo Blom oseyibamba phesheya kwezilwandle. Nokho endaweni yakhe uZwane uqoke ukudlalisa uSamkelo Zwane osuka eqenjini leDStv Diski Challenge.
UZwane uthe badinga umgadli okhethekile.
"Ngiyabezwa abantu bethi sidinga ukuqinisa iqembu lethu. Kodwa ngeke sivele sisayinise nje ngoba nakhu kufanele sisayinise abadlali. Uma uSamkelo ezinza sizomdlalisa, namuhla (ngoMgqibelo) sidlalise noMapholoba (Njabulo Ngcobo) kuleya ndawo ukuze sibone ukuthi uzokwazi yini ukuyimela ngokwendlela esidlala ngayo. Usezingeni eliphezulu. Ngakho ngeke sitatazele sisayinise. Sizobheka esikudingayo. Sizoqinisa lapho esishoda khona," kusho uZwane.
"Eqinisweni sidinga umgadli. Uma singathola umgadli, kuyobe kulungile. Kodwa umgadli ozokwengeza kwesinakho. Umgadli ozosiza abadlali abafana noDuba (Wandile) ukuthi bakhule, hhayi umdlali ozofika ezokwengeza isibalo. Uma singamtholi osezingeni esilifunayo, sincamela ukudlalisa yena uDuba. Uzokhula, uzoba ngumdlali ongcono futhi uzoqala ukushaya amagoli njengoba kade ewashaya kwiDiski Challenge."
Njengoba iChiefs isathungatha omunye umgadli, isabeke wonke amathemba kuBimenyimana osehamba phambili ngamagoli kwiPremiership. Usevalele phakathi ayisikhombisa emidlalweni yeligi. Nokho lo mgadli uphinde walimala kowe-Arrows. UZwane uthe akakhathazekile ngokulimala kukaCaleb ngoba lokho kuzovulela ithuba uDuba ongene endaweni yakhe.
"Ngiyamjabulela futhi ngiyabajabulela nabanye abadlali. UCaleb udlale kahle kodwa njengomgadli bengilindele okungaphezulu. Angikhathazekile ngokulimala kwakhe manje. Uma elimele sizodlalisa umfana omncane uWandi. Uyakwazi ukushaya amagoli. Ngakho asesabi. Kubonakele ukuthi ngesikhathi engena ukhombise ukungesabi. Wenze amaphutha lapha nalaphaya. Kodwa ungumdlali osezingeni eliphezulu. Angikhathazekile, sizoqhamuka neqhinga lethu," kusho uZwane.
Imidlalo yeDStv Premiership
Namuhla - Ngo-5pm: Cape Town City v SuperSport United (Cape Town Stadium).
Ngo-7.30pm: Mamelodi Sundowns v Swallows (Loftus Versfeld); Royal AM v TS Galaxy (Chatsworth Stadium); Sekhukhune United v Marumo Gallants (Peter Mokaba Stadium).