IKaizer Chiefs kulindeleke ukuthi imemezele uGaston Sirino obeyisihlabani seMamelodi Sundowns okuvela ukuthi usesayiniswe yileli qembu laseNaturena.
USirino (33) osanda kwehlukana neSundowns kulandela ukungavuselelwa kwenkontileka yakhe ephele ngoJuni. Ukubonakala kwakhe ekomkhulu leChiefs, eNaturena, eGoli ngoLwesihlanu, yikho kanye okuqinise izinsolo zokusayina kwakhe kuleli qembu elisembhidlangweni wokuqinisa isikwati salo ngaphambi kokuqala kwesizini ka-2024/25.
Kuthiwa eNaturena ubezoqedela konke neChiefs kodwa okuningi sekuvunyelwene ngakho. IChiefs kubukeka ibambe ufishi umkhulu kulo mdlali odabuka e-Uruguay ngenxa yekhono lakhe elingangatshazwa. Kubhekwe ukuthi afike kuleli qembu enze omkhulu umehluko ngenxa yamava akhe.
USirino udlale amasizini ayisikhombisa kwiSundowns afika kuyona maphakathi nesizini ka-2017/2018. Wayishayela amagoli angu-41, wakha angu-44 emidlalweni engu-202 ayidlalile kuleli qembu lasePitoli anqobe nalo indathane yezicoco.
Nokho, ukungenami kwakhe kuleli qembu ngenxa yokunqatshelwa ukujoyina i-Al Ahly yase-Egypt eyayimfuna, kubukeka kuyikho okugcine kuholele ekutheni alishiye phezu kokuba ebesengomunye wabadlali abamqoka kulona.
Ukusayina kukaSirino kuzobe sekusho ukulandela ezinyethelweni zezinye izihlabani zeDowns zangaphambilini, ezajoyina Amakhosi kumasizini edlule zisuka kumaBrazilians, okubalwa kuzona uKhama Billiat, Leonardo Castro noKeagan Dolly owajoyina Amakhosi esebuya phesheya kwezilwandle.
Amakhosi asasayinise abadlali abathathu kuphela ngokusemthethweni kuze kube manje kuleli windi lokuhwebelana ngabadlali. Laba badlali nguBongani Sam osuka kwi-Orlando Pirates, uRushwin Dortley osuka kwiCape Town Spurs nonozinti uFiacre Ntwari osuka kwiTS Galaxy.