KUVELA ukuthi uqale phansi umkhankaso weKaizer Chiefs wokufuna ukusayinisa uMohamed "Shabba" Husseini (27) ongukaputeni weSimba S.C engelinye lamaqembu amakhulu eTanzania.
Ngokuthola kweSolezwe, iChiefs isibuye yaqala ukusha amashushu ngalo mdlali.
Abakuleli igama likaHussein bazolikhumbula ngesikhathi kuqhubeka i-Africa Cup of Nations (Afcon), ngoJanuwari, e-Ivory Coast.
Lesi sitobha esiyibamba kwesokunxele emuva, sabonakala sishuthe nowayengumdlali waMakhosi, uSiphiwe "Shabba" Tshabalala.
Ngenxa yokuzifela kwaso ngoTshabalala, ngakubo eTanzania sesize sateketiswa ngegama elithi Shabba. Ekuqaleni konyaka uHussein ubedlala i-Afcon yesibili. Unqobe neSimba kane isicoco seligi neseCommunity Shield Cup. Uphinde wanqoba kathathu iFAT Cup.
Umthombo uveze ukuthi iChiefs igcine ukufonela izikhulu zeSimba ngoMsombuluko kuleli sonto.
Ngokusho kwawo izwakala izimisele ukukhokha noma imalini ukuze ithole uHussein ophinde abe ukaputeni weqembu lesizwe laseTanzania.
Kuthiwa nezikhulu zeSimba azinankinga nokudedela lesi sithenjwa esiyibamba ohlangothini lwesokunxele. Zithi inqobo nje, uma zizothola ezikufunayo.
Ngaphambi kokuqala kwesizini ka-2023/24, Isolezwe libikile ukuthi Amakhosi asezithendeni zalo mdlali.
Nokho agcina edonsa izinyawo ngezizathu ezagcina zingacacanga. Ngaleso sikhathi ayezomcosha phansi kwazise wayephelelwe inkontileka.
Ngokumthombo lesi sitobha sase sinqabe nokuvuselela inkontileka neSimba eteketiswa ngeleReds of Msimbazi. Uqhuba umthombo uthe kwathi uma iChiefs idlala kancane, izikhulu zaleli qembu zagxuma zahlala, zamsayinisa eminye iminyaka emibili.
Inkontileka kaHussein iphela ngoJuni ngonyaka ozayo.
"Ayiphezi iChiefs ukufonela izikhulu zeSimba. Iqale ukuba mandla ngesonto eledlule. Ngokwazi kwami bagcine ukukhuluma ngoMsombuluko. Kuyabonakala kulokhu ukuthi bamfuna ngempela lo mdlali njengoba bezimisele ngokukhokha nemali. Okuhle ukuthi izikhulu zeSimba azinankinga nokumdedela. Naye umfana uyathanda ukuyodlala kwiChiefs," kuchaza umthombo.
UVina Maphosa okhulumela iChiefs, uthe udla endala, akanalwazi ngabadlali nabaqeqeshi abafunwa noma abazodedelwa iqembu.
"Ngiqala ngawe ukuzwa ngalo Hussein, ngisekhaya. Ngizoba nolwazi ngezinto ezithinta iqembu uma sengibuyele emsebenzini.Thina sijabulela ukuthi sizokwazi ukuthola isikhathi esanele sokulungisa izinto zethu. Sizozama kuze kulunge," kubeka uMaphosa.
Kuvela nokuthi ngoHussein, iChiefs izimisele ukuvala isikhala sikaSifiso Hlanti ophelelwa inkontileka ekpheleni kwenyanga.
Khonamanjalo, Isolezwe lihoshe ukuthi iSimba imfuna uthuli uSteve Komphela ophelelwe inkontileka yokuqeqesha iLamontville Golden Arrows. Ngesizini edlule ibiqeqeshwa u-Abdelhak Benchikha wase-Algeria ophinde wahluleka ukunqoba eseligi. Akucaci ukuthi ngabe i-Arrows izimisele ukumgcina noma cha uKomphela.