INSEPHE eyadlala iminyaka kwiMoroka Swallows, uLefa Tsutsulupa, ibona iKaizer Chiefs ingamkweleti lutho unozinti wayo u-Itumeleng Khune (37), uma ethatha isinqumo sokubeka ethala amakhokho.
Kulo nyaka, unozinti ubehlanganisa iminyaka ewu-25 edlala kwiChiefs. Empeleni nguyena umdlali omdala kunabo bonke eNaturena. Nakuba kuvela ukuthi uKhune usafuna ukuvimba kodwa kucacela noma ngubani ukuthi akusekude awabeke ethala ngenxa yokushiwa iminyaka.
Ngesizini esanda kusongwa, uKhune uvimbe emidlalweni eyisithupha kuphela. Nakuba kuputshuka ukuthi iChiefs izomgcina kodwa akucaci ngekusasa lakhe njengoba ingakasho lutho ngaye. Ekuqaleni kwesizini edlule, Amakhosi amemezela ukuthi asemsayinise inkontileka yokugcina uKhune engumdlali nakuba yena ekubeke kwacaca ukuthi usadlala. Emidlalweni eminingi ngesizini ka-2023/2024, bekuvimba uBruce Bvuma. IChiefs isekhempini eTurkey kodwa uKhune usele eNingizimu Afrika nabanye abadlali baMakhosi abalimele.
Ebholeni laseMzansi kunenkolelo yokuthi amaqembu kumele abonge abadlali abagijime iminyaka kuwona ngokubaphendlela imisebenzi uma sebewabeke ethala amakhokho. Emaqenjini aqashe izinkakha zawo kubalwa iMamelodi Sundowns egcine uDaniel Mudau, Suprise Moriri, Godfrey Sapula, Peter Ndlovu, Machael Manzini nabanye. ISundowns isanda kuqasha uTiyani Mabunda, osanda kuphanyeka amakhokho emgibeni, njengenxusa layo. IChiefs iqashe u-Arthur Zwane (ongasekho eqenjini), David Mathebula, Jimmy Jambo, Ntsie Maphike abaqeqesha enkulisa yayo.
UTsutsulupa, owadlala iminyaka ewu-19 kwiSwallows, utshele Isolezwe ukuthi wayekholelwa ekutheni leli qembu kwakumele limnike umsebenzi kodwa ngokuhamba kwesikhathi wavuleka umqondo, wabona ukuthi wayedlala ngezikhulu zalo.
Uthe ngesifanayo nakuKhune, uma kwenzeka egaxa amakhokho emgibeni, iChiefs ayiphoqekile ukumnika umsebenzi ngaphakathi.
"Nami ngangicabanga ukuthi amaqembu ayasikweleta thina esihlale isikhathi eside kuwo. Ayikho leyonto. Iqembu linika umdlali inkontileka yokudlala bese liyamholela ngokwenza lowo msebenzi. Uma sekuphele inkontileka kuba kuyona ukuthi liyasibona yini isidingo sokuthi likufake ezinhlakeni zayo noma lapho elicabanga ukuthi ungaba wusizo kukhona. Wonke umuntu uyazi ukuthi uKhune uyisebenzele kakhulu iChiefs. Nakuba kunjalo ayimkweleti lutho," kubeka uTsutsulupa osengumkhangisi wezimpahla zakwaPuma.
Namanje kukhona abasagxeka iChiefs ne-Orlando Pirates ngokungabaniki umsebenzi abadlali abanjengoSiphiwe " Shabba" Tshabalala noHappy Jele owadlala iminyaka ewu-16 kweZimnyama.
Ngenxa yokuthi uKhune uhlale evotelwa yizigidi uma kuzoba nemiqhudelwano ethile, kukhona abakholwa wukuthi iChiefs kumele imfake kwezokukhangisa.