Nigeria (1) 1
Banyana Banyana (0) 0
LIBHEKENE nomqansa wokunqoba ekhaya iqembu lesizwe lakuleli lebhola labesifazane, iBanyana Banyana, kulandela ukunqotshwa yiNigeria ngo 1-0 emlenzeni wokuqala womzuliswano wokugcina wokuhlungela ama-Olympic ngoLwesihlanu ebusuku.
ISuper Falcons inqobe lo mdlalo obuseMKO Abiola Stadium, e-Abuja, ngo 1-0 ngegoli likaRasheedat Ajibade elingene esiwombeni sokuqala.
Umlenze wesibili uzodlalelwa eLoftus Versfeld, ePitoli, ngoLwesibili ngo-7.30 ebusuku.
Umqeqeshi weBanyana, uDesiree Ellis, ushintshe abathathu emuva eqenjini elanqoba iTanzania ngo 1-0 eMbombela Stadium ngoFebhuwari.
Ufake uNoko Matlou, Bongeka Gamede noTiisetso Makhubela ezikhaleni zikaLonathemba Mhlongo, Fikile Magama no-Asanda Hadebe.
Esiswini ukhiphe uNoxolo Cesane, Amogelang Motau noGabriela Salgado, waqalisa uHildah Magaia, Refiloe Jane, noLebohang Ramalepe.
Phambili uqhubeke noThembi Kgatlana benoJermaine Seoposenwe, abadlala kwiligi yaseMexico futhi abasefomini kule zinsuku.
Kuyiwe ekhefini iSuper Falcons ihamba phambili ngo 1-0 ngephenathi evalelwe phakathi ngu-Ajibade. Idaleke ngesikhathi uNoko Matlou ethela phansi uChinwendu Ihezuo ebhokisini.
IBanyana idlale kangcono esiwombeni sesibili, isifika ebhokisini leNigeria kodwa yahluleka ukuthola igoli lokulinganisa.
Yize iqembu lakuleli likhale ngaphansi emlenzeni wokuqala kodwa lisekhona ithemba lokuthi lingawaphendula amatafula uma selidlalela ekhaya emlenzeni wesibili.
Iqembu elizonqoba uma sekuhlanganiswe imilenze yomibili lizolibangisa eParis kuma-Olympic azoqala ngoJulayi lihambisana nelizonqoba phakathi kweZambia neMorocco.