KUSHAYISANA imibono kubahlaziyi nabalandeli mayelana namathuba eqembu lakuleli lesizwe lebhola labesilisa, iBafana Bafana, lokudlulela esigabeni somkhumulajezi kwi-Africa Cup of Nations (Afcon) ngenxa yamaqembu eliqhathwe nawo eqoqweni uGroup E.
Ngesikhathi amaqembu eqhathwa e-Abidjan ngo-Okthoba nyakenye, iBafana yatonyulwa neMali, Tunisia neNamibia. Umqeqeshi uHugo Broos, walibeka ngembaba elokuthi akakhali kakhulu ngamaqembu abazodudulana nawo njengoba bekungenzeka bafakwe namaqembu ayingozi kakhulu kunalawa.
Uma kuqhathaniswa ngokukleliswa kwamaqembu emhlabeni, iTunisia (30) neMali (46) yiwona maqembu angathishwa ukuthi adlulele kweyomkhumulajezi kusale iBafana (68) neNamibia (117) kodwa imiphumela yangempela izocaca uma la maqembu esezwana amandla enkundleni.
Tunisia
Umqeqeshi: Jalel Kadri
Ukaputeni: Youssef Msakni
Isiteketiso: Carthage Eagles
ITunisia ngelinye lamazwe ahlonishwayo ebholeni kwizwekazi i-Afrika ngenxa yokuthi ijwayele ukuba yingxenye ye-Afcon. Iphethe irekhodi lokudlala lomqhudelwano amahlandla amaningi elandelana njengoba izobe idlala koka-16 kusukela ngo-1994. Yangena kowamanqamu okokuqala ekhaya ngo-1965, yanqotshwa yiGhana, yaphinde yakhala ngaphansi kwiNingizimu Afrika kowamaqamu ngo-1996. Ize yanqoba le ndebe okokuqala ngo-2004, iguqisa iMorocco ngo 2-1.
Iqembu elizodlala kwi-Afcon linabo abadlali abagijima emaqenjini ase-Tunisia njenge-Esperance, Club Africain, Etoile du Sahel namanye kodwa iningi labo lidlala e-Europe okubalwa iFrance, Italy, England, Germany namanye.
Ukaputeni uYoussef Msakni uyena mdlali oyingozi kakhulu njengoba kunguyena ojwayele ukushaya amagoli aphinde aphakele nozakwabo. Abanye abadlali abajwayele ukumlekelela nguNaim Sliti odlala kwi-Al Ahli Doha eQatar, no-Anis Ben Slimane ogijima kwiSheffield United e-England.
Mali
Umqeqeshi: Eric Chelle
Ukaputeni: Hamari Traore
Isiteketiso: Eagles
IMali ayikaze iyiphakamise indebe ye-Afcon. Yagcina ukungena kowamanqamu ngo-1972 lapho yahlulwa khona yiCongo. Isifinyelele kowandulela owamanqamu amahlandla amahlanu, yathola izindondo zethusi ngo-2012 nango-2013.
Phambili ithembele kakhulu kuMoussa Doumbia, odlala kwi-Al Adalah eSaudi Arabia, noSekou Koita ogijima kwiRed Bull Salzburg e-Austria. Esiswini ihlome ngo-Aliou Dieng odlala kwi-Al Ahly e-Egypt, uYves Bissouma oyinjini yeTottenham Hotspur e-England.
Namibia
Umqeqeshi: Collin Benjamin
Ukaputeni: Petrus Shitembi
Isiteketiso: Brave Warriors
INamibia iqale yangena kwi-Afcon ngo-1998 yaphinde yabuyela kulo mqhudelwano ngo-2008 nango-2019. Kuzo zontathu izikhawu ihlulekile ukudlulela esigabeni samaqoqo. Ngo-1998 nango-2019, ibeseqoqweni elilodwa neBafana Bafana. IBafana yahlula amaBrave Warriors ngo 4-1 ngo-1998, kwathi ngo-2019 yadlula ngo 1-0.
Iningi labadlali babo badlala eNingizimu Afrika, Namibia naseBotswana kodwa bakhona abambalwa abadlala phesheya kwezilwandle emazweni afana neSerbia, Malaysia ne-England. Abadlali babo abayingozi kakhulu nguPeter Shalulile ogijima kwiMamelodi Sundowns noDeon Hotto ogijima kwi-Orlando Pirates. Abanye abadlali abavame ukugqama eqenjini uPetrus Shitembi, Absalom Iimbondi, noWendell Rudath.
South Africa
Umqeqeshi: Hugo Broos
Ukaputeni: Ronwen Williams
Isiteketiso: Bafana Bafana
INingizimu Afrika idlale okokuqala kwi-Afcon ngo-1996, ngemuva kokuphela kobandlululo, yanqoba le ndebe iguqisa iTunisia ngo 2-0 kowamanqamu eGoli. Emqhudelwaneni olandelayo owawuseBurkina Faso ngo-1998, iBafana yaqeda endaweni yesibili, kwathi kowango-2000 eGhana naseNigeria, yalala isithathu. Ngemuva kwalokho, isike yangena kuma-quarter-final ngo-2002, ngo-2013 nango-2019.
Umqeqeshi uHugo Broos, owake wanqoba le ndebe neCameroon ngo-2017, kubhekwe ukuthi abuyise isithunzi seqembu lakuleli kulo mqhudelwano. Abadlali okubhekwe kakhulu ukuthi benze izinto zenzeke nguPercy Tau, ogijima kwi-Al Ahly noThemba Zwane weMamelodi Sundowns. Bazobe bebambisene nabanye baphambili njengoMihlali Mayambela, noZakhele Lepasa.