Morocco (1) 1
DR Congo (0) 1
IDEMOCRATIC Republic of Congo (DRC) iqhubekile nokuzandisela amathuba okungena kwiLast 16 ye-Africa Cup of Nations ngesikhathi idlala ngokulingana ngo 1-1 neMorocco emdlalweni kaGroup F obuseLaurent Pokou Stadium, eSan Pédro, e-Ivory Coast, ngeSonto ntambama.
Igoli le-Atlas Lions lishaywe ngu-Achraf Hakimi umdlalo usanda kuqala. ILeopards ibuye ngegoli likaSilas Katompa esiwombeni sesibili.
IMorocco ibiwuqale kahle lo mqhudelwano ibhaxabula iTanzania ngo 3-0, kwathi iDRC yadlala ngokulingana ngo 1-1 neZambia.
I-Atlas Lions ihlasele zibekwa yathola ikhona ngomzuzu wesibili. UYoussef En-Neysri utholwe yibhola elihle ebeligotshwe nguHakimi ngakwesokudla, uLionel Mpasi walichithela phezu kwepali.
UHakimi uvalele phakathi ibhola kukade kuyikhona eshaywe nguHakim Ziyech. Emizuzwini elandelayo iMorocco iyona ebisahlasela ikhombisa ukulifuna igoli lesibili.
Umdlalo umile ngomzuzu ka-33, kulandela ukulimala kwesitobha seDRC, uHenock Inonga, oshaywe yindololwane kaSelim Amallah ebhokisini eyozama inhlanhla phambili.
Ngemuva kwesikhathi eside odokotela bebhandisha lo mdlali unompempe ubizwe yiVideo Assistant Referee (VAR), wakhetha ukulikhomba emlotheni kulandela ukubukusisa kwakhe isigameko.
Nokho, uCedric Bakamu umoshe ithuba eliyingqayizivele lokubuyisela iqembu lakhe kulo mdlalo njengoba iphenathi yakhe ishaye ipali yaphumela ngaphandle.
I-DRC ayivumelanga ukuthi ukuphoxeka kwayo kuyiqede amandla njengoba ibisaqhubeka nokufuna igoli lokulinganisa kodwa kuze kwayiwa ekhefini iMorocco isahamba phambili ngo 1-0.
UDylan Batubinsika, ongene endaweni ka-Inonga ngesikhathi kuphunywa ekhefini, kwale kancane abe yiqhawe ngomzuzu ka-47 egxumela ibhola ebeliqhamuka kwikhona, walibeka eceleni kwepali ngonyawo.
Nokho, ukucindezela kweDRC kugcine kuyisebenzele ngomzuzu ka-76. Kugcine kuyilungele iDRC ngomzuzu ka-76 ngenxa yabadlali abebesuka ebhentshini.
UMeschack Eli ugqashuke ngakwesokudla ngaphambi kokuligobela ebhokisini, uKatompa walibeka enethini ngebatha.
IMorocco isaqhwakele kuleli qoqo ngamaphuzu amane, kanti iDRC isendaweni yesibili ngamabili.
I-Atlas Lions izosonga isigaba samaqoqo ngokubhekana neZambia ngoLwesithathu, iLeopards itholane phezulu neTanzania.