EMUVA kwemidlalo kanobhutshuzwayo yamazwe ngoSepthemba, i-Argentina isabambelele eqhulwini ekuklelisweni kweFederation of International Football Association (Fifa).
Ompetha bomhlaba badlale imidlalo emithathu ngoSepthemba behlula ngo 1-0 omakhelwane i-Ecuador neBolivia ngo 3-0 beqala eyokuhlunga amazwe angaphansi kweCONMEBOL azodlala kwiWorld Cup ka-2026.
Yilokho okubasize baqhubeka nokuqhoqhobala eqhulwini lamaCocaCola Fifa World Rankings yize bephinde behlulwa ngo 2-1 yiGermany kowokungcweka.
IFrance isaqhubekile nokuyibamba endaweni yesibili kuthi iBrazil ibe kweyesithathu.
I-England iza kweyesine kuthi iBelgium ibe kweyesihlanu nokwenza zingabikhona izinguquko phezulu.
Uhla lwamazwe angu-10 aphezulu, lupheleliswa yiCroatia endaweni yesithupha, yiNetherlands kweyesikhombisa, yiPortugal kweyesishiyagalombili nokuyibo bodwa abami abanombelile kulolu luhlu.
I-Italy nayo kube yiyo yodwa eyehlela endaweni engezansi ngokugudlukela kweyesishiyagalolunye emuva kokubambana ngo 1-1 neNorth Macedonia kweyokuhlungela i-Uefa Euro 2024.
ISpain yiyo evala uhla lwabangu-10 abaphezulu.
**Khonamanjalo, kuvela ukuthi kungenzeka bahlangane enkundleni okungenani okokugcina uLionel Messi wase-Argentina noCristiano Ronaldo wasePortugal.
Imibiko ithi iPortugal ingelinye lamazwe amabili, kubalwa ne-England, azongcweka ne-Argentina ngoMashi wonyaka ozayo.
Lokhu kuthiwa kuyisivumelwano pahakathi kwe-UEFA neCONMEBOL.