BAZOBUYELWA ngamavoti abalandeli beKaizer Chiefs abavotele unozinti u-Itumeleng Khune nomgadli uCaleb Bimenyimana osekumenyezelwe ukuthi ngeke besadlala kwiCarling Black Label Cup ngenxa yokulimala.
NgoLwesithathu ekuseni, iChiefs idalule ukuthi laba badlali abebekade bevotelwe esikimini esizoqala umdlalo ngoNovemba 12, eFNB Stadium, sebekhishiwe ohlwini ngokomyalelo wethimba lodokotela laMakhosi.
UKhune, olimele idolo noBimenyimana olimele inyonga, kade bengekho ngempelasonto edlule ngesikhathi Amakhosi ehlula I-Orlando Pirates ngo 1-0 koweDStv Premiership. Ngokwamavoti uKhune ubekade ephambili ngamavoti kunabo bonke abadlali kwiPremiership kwazise abebalelwa ku-170 000.
IChiefs iveze ukuthi abalandeli abavotele uKhune noBimenyimana bazobuyiselwa amavoti ngokusizwa yiCarling, bavotele abanye abadlali abazovala izikhala. Ukulimala kukaKhune kuzovulela ithuba omunye unozinti phakathi kukaBruce Bvuma noBrandon Petersen obekade esezintini kowomkhaya ngempelasonto edlule.
Kubagadli ithuba lokuqala umdlalo kwiCarling lingase liwele ku-Ashley Du Preez noma kuKhama Billiat osenuka umzondo kubalandeli beChiefs ngenxa yokuhlulwa ngamagoli.
KwiCarling, iChiefs izodlala ne-Orlando Pirates ngo-12 emini. Ekuseni kuzovula AmaZulu neMamelodi Sundowns. Ngo-3, amaqembu ahluliwe azoshaya amaphenathi ukukhipha elizoqeda endaweni yesithathu. Umdlalo wamanqamu uzodlalwa ngo-5 ntambama.
Ukulimala kukaBimenyimana akubuzwa ukuthi kuzoshaya kuzwele kubalandeli beChiefs kwazise uqale ngegiya eliphezulu eNaturena, eshaya amagoli abalulekile. Sibonakele isikhala sakhe ngesikhathi iChiefs ibhekene nePirates kowomkhaya ngempelasonto edlule.
UKhune ubuyiselwe esikimini ngumqeqeshi u-Arthur Zwane ngemuva kwengcindezi evela kubalandeli abasakholwa wukuthi kukhona asengakwenzela iChiefs.
ZAKHELE XABA