SIBUSISO MDLALOSE
BAZOHLAWULISWA aboMsinga United ngenxa yabalandeli bawo abasuse uthuthuva emuva kokushaywa ngo 1-0 yi-Orbit College emdlalweni owandulela owamanqamu eSafa ABC Motsepe League National Play-Offs, eHarry Gwala Stadium, eMgungundlovu, ngoLwesihlanu ntambama.
I-Orbit ne-Upington City yaseNorthern Cape yiwona maqembu agcine ekhushulelwa esigabeni seMotsepe Foundation Championship, nokuyiwo futhi azodlala owamanqamu ngeSonto, ngo-3 ntambama khona eHarry Gwala Stadium.
Emuva kokukhala kwempempe, kusuke esinamathambo abanye babalandeli boMsinga abebethukuthele begane unwabu, bejikijela amabhodlela nezigubhu zamanzi enkundleni bekhala ngezinqumo zikanompempe, uMasixole Bambiso.
Kugcine kuqhuma izibhamu omunye obebhekelele ezokuphepha kodwa obengawufakanga umfaniswano, eqhumisa isibhamu ezama ukuvikela abadlali abesebentaza inkundla bebalekela imvula yamabhodlela ebithunyelwa ngabalandeli boMsinga.
Kube sekuzwakala okunye ukuqhuma kwesibhamu obekuqhamuka ngasohlangothini lwabalandeli boMsinga, kodwa ngenhlanhla akwangalimala muntu.
Ngenkathi kundiza amabhodlela emoyeni kulimale umqeqeshi wonozinti kuMsinga, uGezani Zondi, oshaywe yibhodlela ebelindiza emoyeni ngemuva kwendlebe, kodwa akangalimala kakhulu njengoba engayanga nasesibhedlela.
Unompempe, uBambiso, odlalisa nasesigabeni sePremier Soccer League (PSL), ugcine esephuma egadwe ngamaphoyisa abalandeli befuna ukumudla luhlaza.
Usihlalo weSafa KwaZulu-Natal, uKwenzakwakhe Ngwenya, ekhuluma nezintatheli emuva komdlalo uthe abaphathi boMsinga bazohlawuliswa ngesenzo sabalandeli bayo.
"Bazohlawuliswa abaphathi boMsinga ngesenzo sabalandeli bawo, esiyihlazo elibi.
Sizobe sesiqinisa ezokuphepha emdlalweni wamanqamu phakathi kwe-Upington City ne-Orbit College ngeSonto ngokutshala amaphoyisa azoqapha uthuthuva enkundleni," kuchaza uNgwenya.