BASAPHINDA amazwi afanayo abaqeqeshi bamaqembu esizwe ebhola lombhoxo weSevens, uSandile Ngcobo noRenfred Dazel, kulandela ukuhluleka kwawo ukuthola imiphumela emihle koweWorld Series, eVancouver, eCanada, ngempelasonto.
Iqembu labesilisa, amaBlitzbokke, liqede endaweni yesishiyagalolunye kulo mqhudelwano, elabesifazane, Imbokodo, laqeda ekugcineni endaweni ka-12.
AmaBlitzbokke aqale imidlalo yamaqoqo ngokuqumba phansi iNew Zealand ngo 21-12 kodwa abe esedliwa yiGreat Britain ngo 17-12 ne-Ireland ngo 22-10, aqeda emsileni eqoqweni lawo.
Sekubangwa ukuqeda endaweni yesishiyagalolunye ashaye osokhaya iCanada ngo 20-14, agcina eyitholile indawo yesishiyagalolunye ngokunqoba i-Australia ngo 24-7.
UNgcobo uthe ibuyise ithemba indlela abawusonge ngayo umqhudelwano.
“Impelasonto siyiqede ngendlela engcono. Sicele abadlali ukuthi baqede ngegiya eliphezulu futhi bakwenza lokho. Kumele sidlale kulelo zinga eliphezulu njalo. Asikwazi ukufika kweminye imidlalo singayilungele ngokomqondo. Ukunqoba imidlalo yethu emibili yokugcina, sihlula iCanada ne-Australia, kukhombisile ukuthi yini esingayenza,” kusho uNgcobo.
“Siyazi ukuthi singahlula noma yiliphi iqembu, sinabo abadlali nezinhlelo zokukwenza lokho, inkinga ukuthi kasikwenzi njalo. Kufanele silungise isimo somqondo seqembu njengoba sibheke emqhudelwaneni olandelayo.”
AmaBlitzbokke azoqala kuPool A emqhudelwaneni olandelayo eLos Angeles, e-Melika, kule mpelasonto lapho eqhathwe khona ne-Ireland, Argentina neSpain.
I-Argentina, enqobe umqhudelwano wesithathu kulandelana kule sizini ngokuphakamisa indebe eVancouver, iqhwakele kwi-log ngamaphuzu angu-78. Iqembu likaNgcobo lisendaweni yesithupha ngamaphuzu angu-46.
Khonamanjalo, Imbokodo nayo kumele ikhuphule amasokisi kulandela ukuhluleka ukunqoba kuyona yomine imidlalo eyidlalile eVancouver.
Ishaywe yi-Ireland ngo 28-7, yathelwa phansi yiNew Zealand ngo 35-5 neBrazil ngo 17-12.
Emidlalweni yokulwela indawo yesishiyagalolunye ishaywe yiJapan ngo 24-5.
UDazel uthe bazozama ukusiza abadlali abangakwazanga ukuwuqeda lo mqhudelwano ngenxa yokulimala ukuthi bakulungele ukubuya kule mpelasonto.
“Kuzofanele silandele izinhlelo ezithile ukuze bonke bawulungele umqhudelwano olandelayo. Cishe sizoziqeqesha kanye ngendlela eqinile kodwa sizogxila kakhulu ekubuyekezeni amaqhinga ethu,” kusho uDazel.
Imbokodo isemsileni kwi-log ngamaphuzu ayisishiyagalombili. Iqembu eliqhwakele yi-Australia, enamaphuzu angu-72.
Iqembu lakuleli lizobhekana neBrazil, New Zealand neFiji kuPool A eLos Angeles ngempelasonto ezayo.