UMDLALO we-Africa Cup of Nations obuphakathi kweBafana Bafana neNamibia ngeSonto ebusuku uphinde wagcizelela ukuthi kunzima ngakanani ukuqagula ukuthi yiliphi iqembu elizonqoba umdlalo kulo mqhudelwano selokhu uqalile e-Ivory Coast ngoJanuwari 13.
Sekukaningi amaqembu abethathwa njengamancane kuleli zwekazi ethatha amaphuzu kulawa anomlando omkhulu.
Ukunqotshwa kweqembu likaHugo Broos yiMali ngo 2-0 emdlalweni walo wokuvula wamaqoqo, nokunqoba kweNamibia iTunisia ngo 1-0, kwenze iningi labantu lacabanga ukuthi iBafana izothwala kanzima uma la maqembu angomakhelwane esebhekene kuGroup E.
Nokho ligcine selizidlulela kalula ngo 4-0 ngamagoli amabili ahlohlwe nguThemba Zwane, iphenathi kaPercy Tau nesipikili sokugcina esishayelelwe nguThapelo Maseko esuka ebhentshini ngesiwombe sesibili.
Nakuba kunjalo, ukunqoba kweBafana ngembudlu yamagoli akusho ukuthi ibizigwazela ibhece kulo mdlalo kodwa kuyakhombisa ukuthi iningi labadlali, kanye nomqeqeshi lithathe izinqumo ezingcono.
Nawa amaphuzu esiwanike iBafana Bafana:
Ronwen Williams 6/10
Awamaningi amabhola abenzima okudingeke ukuthi lo nozinti awavimbe kodwa ubexhumana kangcono nezitobha zakhe kulo mdlalo, nokungenzeka ukuthi yikhona okumnciphisele umsebenzi.
Khuliso Mudau 5/10
Ubengayi kakhulu phambili futhi besingekho isidingo esingakanani ngoba laba abahlaselayo ngasohlangothini lwakhe bebewenza umsebenzi. Uke wenza amaphutha ambalwa ngasekuqaleni komdlalo kodwa wagcina esemaka ngendlela efanele.
Grant Kekana 7/10
Ungene kwezwakala esikimini, evala isikhala sikaSiyanda Xulu, wangamnika mathuba amaningi uzakwabo kwiMamelodi Sundowns, uPeter Shalulile. Ukwazana kwakhe noMothobi Mvala kubonakalile.
Mothobi Mvala 6/10
Uqhubekile nokuba ngumdlali ongamethemba emuva njengoba ebemaka kahle emoyeni naphansi, aphinde akwazi ukuphuma nalo ibhola emuva uma kunesidingo.
Aubrey Modiba 7/10
Ubedlala ngokukhuleka uma kuqhathaniswa nomdlalo wokuqala, aphinde axhumane nabadlala ngasohlangothini lwakhe. Ukhombise nokukhuthala uma kufanele amake.
Siphephelo Sithole 6/10
Ulikhuphulile izinga, wabambisana noTeboho Mokoena, nokwenze zingavuleki kakhulu izikhala enkabeni yenkundla, bangagqama abadlali beNamibia abadlala esiswini ababeyinkinga kwiTunisia emdlalweni wokuqala.
Teboho Mokoena 7/10
Ubeyinjini ekwazi ukumaka aphinde aqale neminyakazo eya phambili. Ushaye ingcwenga yephasi eholele egolini elishaywe nguThapelo Maseko. Usengathuthuka ekushayeni amakhona nama-freekick.
Percy Tau 7/10
Ukhombise isibindi ngokukhahlela iphenathi ekubeni eyigejile ngesikhathi bebhekene nemali. Ubeyiphela endlebeni ezitobheni zeNamibia nokuholele ekutheni zigcine zenze amaphutha iBafana ehlomule ngawo.
Thapelo Morena 7/10
Usebenzise ijubane lakhe namava ngendlela efanele njengoba ebekwazi ukuphuma isikhala ngakwesokudla bese egoba amabhola ayingozi noma acishe alibeke enethini ngokwakhe.
Themba Zwane 8/10
Nguyena othuthuke kunabo bonke abadlali uma kuqhathaniswa nomdlalo wokuqala lapho athmebisa khona kodwa wabuye wacwila. Womabili amagoli akhe uwashaye ngendlela esezingeni eliphezulu.
Evidence Makgopa 6/10
Usebenze ngokuzikhandla ebamba ibhola bese elidlulisela kozakwabo. Ukuphuma kwakhe ebhokisini eyolanda ibhola kuvule izikhala odongeni lweNamibia, abadlali abafana noZwane bakwazi ukuzisebenzisa.
Thapelo Maseko 6/10
Ukhombise ukuthi angaba wuhlobo lo mdlali iqembu lesizwe elingathembela kuyena esiwombeni sesibili njengoba engene washintsha umdlalo waphinde wabhakuzisa inethi.
Thabang Monare 5/10
Ungene wadlala kahle esiswini emizuzwini yokugcina yize iqembu lakuleli belingasenayo ingcindezi.
Mihlali Mayambela, Zakhele Lepasa, Jayden Adams
Bangene sekusele isikhathi esincane ukuthi umdlalo uphele.