SEKUSEDUZE ukuthi umqeqeshi weqembu lesizwe lebhola labesilisa, uHugo Broos, amemezele isikwati azongena naso emidlalweni emqoka yokuhlungela iNdebe yoMhlaba ngoJuni.
IBafana Bafana inemidlalo emibili yamaqoqo namaqembu eqhathwe nawo kuGroup C. Izotholana phezulu neNigeria ekuhambeni ngoJuni 3 bese ibhekana neZimbabwe ngoJuni 10.
INingizimu Afrika isendaweni yesibili kwi-log ngamaphuzu amathathu emidlalweni emibili. Kowokuvula yanqoba iBenin ngo 2-1, kowesibili yadliwa yiRwanda eqhwakele eqoqweni ngamaphuzu amane ngo 2-0.
Nakuba kulindeleke ukuthi lo mqeqeshi waseBelgium aqhubeke neningi labadlali ayehambe nabo ngesikhathi iBafana iqeda endaweni yesithathu kwi-Africa Cup of Nations e-Ivory Coast ngoFebhuwari bakhona nabanye abadlali abakhombisile ukuthi bayalifuna ithuba eqenjini lesizwe.
Abanye babo njengoGoodman Mosele, Patrick Maswanganyi, Elias Mokwana, Iqraam Rayners noKhanyisa Mayo balitholile ithuba ngesikhathi iBafana idlala ngokulingana ngo 1-1 ne-Andorra yaphinde yabambana ne-Algeria emidlalweni yobungani ngoMashi.
Nokho kunelinye idlanzana okungenzeka liwenze ube nzima umsebenzi kaBroos wokukhetha isikwati esikhulu nesokugcina azodlala ngaso le midlalo emibili ngoJuni.
Fawaaz Basadien
Lo mdlali (27) oyibamba emuva ngakwesokunxele kwiStellenbosch FC ungomunye wabadlali bakuleli abahamba phambili abadlala kule ndawo. Uyakwazi ukumaka aphinde abe muhle uma kuyiwa phambili ngenxa yokuthi uyakwazi ukugoba amabhola ayingozi. Unyawo lwakhe lwesinxele luhle nasekushayeni ama-freekick.
UBasadien kumfanele ukuthi abe yingxenye yeqembu lesizwe ayobanga ijezi no-Aubrey Modiba. Angathatha isikhala sikaTerrence Mashego okhuhla ibhentshi kwiMamelodi Sundowns esikhathini esiningi.
Siphesihle Mkhize
UMkhize (25) owakhulela enkulisa yeSundowns ngaphambi kokubolekiswa kwi-Ajax Cape Town ngesikhathi isagijima esigabeni sesibili, ukhulile kumasizini amabili edlule ngesikhathi ebolekiswe kwiChippa United.
Lo mdlali owake wagijima eqenjini lesizwe lika-Under-23 uselibamba lithule esiswini kwiSekhukhune United lapho ejwayele ukudlala khona eduze kukaKamohelo Mokotjo noma uLehlohonolo Mtshali. Angangena khaxa esiswini kwiBafana avale isikhala sikaThabang Monare oselizwa ngendaba ijezi kwi-Orlando Pirates.
Tshegofatso Mabasa
Ukuqhubeka nokuhlohla amagoli ngisho esebuyele kwiPirates kukhombisa ukuthi ifomu abekuyona ngesikhathi ebolekiswe kwiMoroka Swallows engxenyeni yokuqala yesizini bekungewona umlilo wamaphepha. KweZimnyama usebuye washaya amagoli amahlanu emidlalweni eyisikhombisa yeligi, namathathu kwemithathu yeNedbank Cup.
Ukushisa kwakhe phambi kwepali kungahle kuphoqe ukuthi uBroos athathe yena lo mgadli, ashiye labo abanga nabo ijezi kwiPirates, uZakhele Lepasa ongadlali no-Evidence Makgopa obelimele. UBroos ngemuva kwemidlalo yangoMashi wakusho wakugcizelela ukuthi elakuleli liyashoda ngabagadli abangalibheki ipali. Waze waveza ukuthi usazohlangana noLyle Foster ukuze amchazele ukuthi usazimisele yini ukudlalela iqembu lesizwe ngemuva kokucela ukuthi angabizwa njengoba ebesalashelwa ukuba nengcindezi yomqondo. UFoster uyadlala eqenjini lakhe iBurnley egijima kwi-English Premier League.