UMA kuwukuthi kugcina kuya ngamagama enkehli okushiwo yisikhulu seKaizer Chiefs ngokuhlala komqeqeshi, u-Arthur Zwane ngisho angangasinqoba isicoco seNedbank Cup, kubukeka kungeke kuzwakale kahle ezindlebeni zabanye abalandeli baleli qembu.
IChiefs iqhathwe nezimbangi zayo ezinkulu, i-Orlando Pirates kowandulela owamanqamu weNedbank Cup, kulandela ukudlula kwayo kwiRoyal AM kowama-quarterfinal ngeledlule.
INedbank yisona kuphela njengamanje isicoco esesiyithemba labandeli beChiefs kule sizini. Kanti ngakolunye uhlangothi, emidlalweni weDStv Premiership isilwela ukuqeda endaweni engcono kwilog.
Ukuqinisekisa ngokwandisa amathuba okuqeda endaweni yesibili noma yesithathu okungamasango okungena emiqhudelwaneni yeCAF okuyiChampions League neConfederation Cup, kumele inqobe yonke imidlalo eyisalele.
Le midlalo iqala ngomdlalo Amakhosi azowudlala neSekhukhune United ePeter Mokaba Stadium, ePolokwane, kusasa ngo 3.00 ntambama.
Emuva kwalo mdlalo azosalelwa emine okungoweChippa United (ekuhambeni), ISwallows FC (ekhaya), iSuperSport United (ekuhambeni) neCape Town City (ekhaya).
Ukubuyela enkulumeni kaMotaung uthe: "Cha, ikusasa likaZwane alincikile ekunqobeni iNedbank Cup, ngoba sakha iqembu kabusha futhi ungumqeqeshi omusha kuleli qembu esilakhayo. Ngakho sidinga ukumnika isikhathi esanele.
Uqhube wathi: "Sidinga ukuqhubeka kulokhu esesikuqalile. Ngakho-ke siyakholelwa kuyena okuyingakho sisamgcinile namanje. Ukuba besingakholelwa kuyena besingeke simnike ithuba.“
Uphinde waveza ukuthi bayakholelwa kuZwane ngakho kumele bamsize, bameseke, ekwakheni iqembu kabusha.
“Kunabadlali abasebancane abasazama ukwejwayela, abanye yima beqala manje ukubamba umgqigqo. Ngakho umqeqeshi wethu wenza umsebenzi oncomekayo phezu kwezimo kwezimo ezinzima," kuqhuba lesi sikhulu.
Ngakolunye uhlangothi, ongomunye wabalandeli beZimpofana okhulume neSolezwe ngeSonto, uThemba "Bebeto" Mnisi waseChatsworth, okwi-Clare Estate Durban Branch okungelinye lamagatsha aleli qembu KwaZulu-Natal, ushaya amakhala ngokushiwo uMotaung.
"Thina esikufunayo njengamanje yindebe yeNedbank, hhayi okunye. Asiyiwinanga i-MTN 8, asiyiwinanga iLigi, ngakho iNedbank sekuyiyona ndebe esiyithemba lethu lokugcina kule sizini.
“Ngakho kuyaxaka ukuthi uBobby usho kanjani ukuthi bazomgcina uZwane uma ehluleka ukusiwinela iNedbank. Akusekho qembu elakhiwayo manje, selihlangene iqembu sesifuna izindebe. Ngokwami, uma ehluleka ukuwina iNedbank kuyofanele ahambe uZwane," kusho lo mlandeli.