IMENENJA yabadlali enomlando omude ebholeni laseNingizimu Afrika, uMike Makaab, ibona kufanele kujatshulelwe ukuthi abadlali bakuleli sebeqala ukuheha iso lamaqembu adlala kwiMajor League Soccer (MLS) yase-United States of America (USA).
Eminyakeni edlule ngesikhathi izinkakha zakuleli, uDoctor Khumalo noShaun Bartlett, zisayina emaqenjini ase-USA, iColumbus Crew nakwiColorado Rapids, ngokwahlukana eminyakeni edlule, ibhola lase-USA lalingakabi kuleli zinga elikulona manje.
NgokukaMakaab, isishintshe kakhulu le ligi kunalokhu eqalwe iyikhona eminyakeni edlule.
Kamuva abadlali bakuleli abasayiniswe amaqembu akuleli lizwe, bafike kwezwakala njengoba sebephenduke izilomo kubalandeli bamaqembu abo. UNjabulo Blom osuke kwiKaizer Chiefs ngoJanuwari akaconsi phansi kwiSt Louis City kanjalo nomgadli uBongokuhle Hlongwane, akaconsi phansi kubalandeli beMinnesota United.
Omunye umdlali osekuqina izinkulumo zokuthi angase abajoyine, uCassius Mailula weMamelodi Sundowns.
ISundowns ikhiphe isitatimende ngoMsombuluko iqinisekisa ukuthi kukhona iqembu elise-USA abaxoxa nalo ngalo mdlali.
Nakuba lingazange livele igama esitatimendeni seSundowns kodwa elayizolo lithe liyoshona bese kusabalele ukuthi ufunwa iToronto FC edlala kuyona iMLS.
Kusukela ekhushulelwe esikimini esikhulu seSundowns, uMailula ofike kuyona eneminyaka engu-13, usephenduke enye yezinsika kulandela izimanga azigile ngesizini edlule.
Akumethusi uMakaab ukubona kunomunye umdlali wakuleli ongase alandele uBlom noHlongwane kanye noTsiki Ntsabeleng, okwiDallas FC. Uthe ubona ukuthi ukwenza kahle kwalaba badlali kwenza namanye amaqembu afune ukubheka kwiDStv Premiership.
Omunye umdlali osuka kwiDStv Premiership odlala kwiMLS, uTeenage Hadebe, waseZimbabwe. Lesi sitobha sisuke kwiKaizer Chiefs saya kwiHouston Dynamo FC.
“Kudala i-MLS bekuyiligi okubukeka sengathi kugugelwa kuyona kodwa izinto sezishintshile ingakho ngilishumayela elokuthi uma kuvela ithuba lokuyisa abadlali baseNingizimu Afrika alingayekwa,” kusho uMakaab.
“Amaqembu amaningi ase-Europe asesebenzisa i-MLS ukuhlonza ithalente elingaziwa. Kulaba abasuka emazweni okunemicikilisho eminingi uma kufanele basebenze e-Europe, akubi nzima kangako uma bemthola e-USA.
“Lokhu okwenzeka manje kufanele kujatshulelwe futhi kuqhutshekwe nakho ngoba ibhola liyashintsha kanti nendlela amaqembu enza ngayo iyashintsha,” kusho lo mqeqeshi osehambise abadlali abaningi phesheya kwezilwandle.
UBradley Carnell ocija ezikaBlom usanda kutshela Isolezwe ukuthi akuqaphelile ukuthi wonke amaqembu adlala kwiMLS amehlo awo athe njo ebholeni laseNingizimu Afrika yingakho nabo bekwazile ukubona lo mdlali kwiChiefs.