OWAYENGUMDLALI weMoroka Swallows kumasizini edlule, uLebohang “Cheeseboy” Mokoena, ukholwa wukuthi kufanele abaphathi baleli qembu bamethembe umqeqeshi osabambile uMusa Nyatama ekuholeni leli qembu ngokugcwele.
OWAYENGUMDLALI weMoroka Swallows kumasizini edlule, uLebohang “Cheeseboy” Mokoena, ukholwa wukuthi kufanele abaphathi baleli qembu bamethembe umqeqeshi osabambile uMusa Nyatama ekuholeni leli qembu ngokugcwele.
UNyatama (36) okuyisizini yakhe yesithathu esebhentshini leSwallows, nguyena obambe izintambo zokuqeqesha leli qembu elibalwa namathathu alwa nokusuka esishozini sezembe kwiDStv Premiership.
Ekuqaleni kwale sizini ubeyiphini likaSteve Komphela oshiye maphakathi nesizini ngenxa yezinkinga ebezilikhungethe, ejoyina iLamontville Golden Arrows.
Ngaphambi kwalokho, uNyatama ulihlengile ngemuva kokulaxazwa kwalo wu-Ernst Middendorp isempini yokuvika izembe, yaze yagcina izibekisele indawo kwiTop 8.
“UMusa iSwallows useyazi njengentende yesandla sakhe futhi nabadlali bayamuzwa, bazimisele ukumfela enkundleni.
“Ngikholwa wukuthi kulaba baqeqeshi asesebenze nabo abanjengoDylan Kerr, uMiddendorp naye uKomphela, yize esebenze isikhathi esincane naye, kukhona akufundile kubona.
“Usekhombisile ukuthi ungumqeqeshi iqembu elingathembela kuyena, uma nje enganikwa ithuba. Sekudingeka abaphathi bakholelwe kuyena ngokumnika ithuba lokuqeqesha ngokugcwele,” kusho uMokoena owadlala noNyatama kwiSwallows.
Uthe ukuzithuthukisa kukaNyatama ngolwazi lokuqeqesha kuyinkomba yokuthi uzimisele ngokukhula ekuqeqesheni.
Uqhubeke wabeka kanje: “Ngesizini edlule ususe iqembu ezembeni waze wayolifaka kwiTop 8. Nakule sizini futhi kuyabonakala ukuthi uyalihlanganisa yize like labhekana nezinkinga, uyaqhubeka nokwenza ngcono isimo.”
“Nyakenye lo mqeqeshi uzihlomise ngolwazi lwezokuqeqesha ephothula ngempumelelo izifundo zokuqeqesha zeCaf C Licence noKhabo Zondo obengumqeqeshi weRoyal AM, uWayne Arendse noHappy Jele.”
IZinyoni ezisandaweni ka-14 kwi-log yePremiership, zizotholana phezulu neTS Galaxy kowePremiership, ngoLwesihlanu ngo-7.30 ebusuku.