ABESEKHUKHUNE United bayavumelana ngokuthi ukuqhubeka nokunqoba imidlalo ilandelana kuzohamba ibanga elide emizameni yabo yokuqeda isizini yeDStv Premiership besendaweni ehloniphekile.
Umqeqeshi weSekhukhune, uBrandon Truter, uhambe emazwini kanozinti wezakhe, u-Ali Badre Sangare ngobumqoka bokunqoba uma sebebhekene neSwallows FC koweligi kusasa ngo-7.30 ebusuku ePeter Mokaba Stadium, ePolokwane.
UTruter ufike kwiSekhukhune ngaphambi kokuqala kwekhefu lemidlalo yeNdebe yoMhlaba ebiseQatar, nyakenye, leli qembu lasePolokwane likunombolo-15 kwi-log.
Ubengena endaweni kaKaitano Tembo, okungaphansi kobuholi bakhe iBabina Noko ibilokhu ihlehla nyova kwi-log kwaze kwaphoqa ukuba akhonjwe indlela ngoNovemba.
Kusukela efikile lo mqeqeshi oqale ukugqama kwiSwallows ngaphambi kokudlulela kuMaZulu FC, iSekhukhune ibukeka iyiqembu elehlukile kwazise emidlalweni emithathu yeligi edlule ishaye iMarumo Gallants, Kaizer Chiefs neStellenbosch FC.
Kule midlalo emithathu edlule uSangare akazange angenelwe igoli okuyinto emenza akhushukelwe umfutho ngaphambi kokwamukela iSwallows.
Ekhuluma nethimba labezindaba leSekhukhune, uTruter, utuse ukulalela kwabadlali bakhe ngakho konke okuhle okwenzekayo eqenjini.
“Akuwona umlingo lokhu okwenzeka kwiSekhukhune kepha ukuzimisela kwabadlali nokulalela umqondo engizama ukubafaka wona,” kusho uTruter.
“Asizange sibenaso isikhathi esanele sokuphumula kusukela sidlale eKapa (neStellies), uma uzohlanganisa nohambo olusuka khona lubuyela ePolokwane kodwa ngiyabethemba abadlali.
“La mawini amathathu kulandelana awubufakazi nakubona abadlali ukuthi uma behlala kulokhu esikuhlelile nakanjani imiphumela encomekayo izolokhu izile.
“NakwiSwallows siya ngomqondo ofanayo. Abadlali bayakwazi okulindeleke kubona okuyinto engasho nokho ukuthi asinawo amaphutha ethu.
“Okusibusayo ukuqoqa amaphuzu amaningi kunawo wonke esingawaqoqa ukuze sizisondeze nendawo ehloniphekile esinesifiso sokuqeda isizini sihleli kuyona,” kuphetha lo mqeqeshi.
USangare ushayele iqembu lonke ihlombe ngokumsiza angangenelwa igoli emidlalweni emibili edlule.
“Kujwayele ukuthi kunconywe onozinti ngokungangeni kwamagoli kodwa kwiSekhukhune siyazi ukuthi umsebenzi wabo bonke abadlali,” kusho yena kuleli thimba.
“Engikufisayo ukuthi siqhubeke ngomgqigqo ofanayo nakwiSwallows ngoba uma senze lokho sizozibeka ethubeni elihle lokuqeda isizini sisendaweni ehloniphekile kwi-log,” kunanela lo nozinti wase-Ivory Coast.
ISwallows ibambe indawo ka-14 kwi-log ngamaphuzu awu-17 kwi-log.