UKAPUTENI weBanyana Banyana uRefiloe Jane nomqeqeshi uDesiree Ellis bafuna iqembu lisebenzise ukuphoxeka kokuhluleka ukungena kuma-Olympics anonyaka njengekhubalo lokubakhuthaza emidlalweni ezayo.
Elakuleli liphume emzuliswaneni wokugcina wokuhlungela le midlalo ezoqala ngoJulayi eParis linqotshwa yiNigeria ngo 1-0.
Umlenze wokuqala obuse-Abuja, eNigeria ngeledlule unqotshwe yiSuper Falcons ngo 1-0.
Owesibili uphele ngo 0-0 eLoftus Versfeld, ePitoli ngoLwesibili ebusuku.
UJane uthe usefuna bagxile ekuvikeleni iNdebe yeWomen’s Africa Cup of Nations.
“Ngesikhathi kukhala indweba yokuphela komdlalo sidumale kakhulu futhi izinhliziyo bezibuhlungu.
“Leli qembu lisebenze kanzima ukuze lifinyelele lapha likhona. Kubuhlungu ukuthi sihluleke emzuliswaneni wesibili kodwa akufanele sidikibale.
“Isekhona eminye imiqhudelwano ezayo. Sifuna ukuvikela isicoco sethu seWafcon, ukungena eNdebeni yoMhlaba elandelayo nokuqhubeka sikhulise ibhola labesifazane eNingizimu Afrika,” kusho uJane kwabezindaba ngemuva komdlalo.
Umqeqeshi weBanyana uDesiree Ellis naye uthe kukhona okuhle okuzoqhamuka kulobu bunzima yize ubadumazile umphumela wangoLwesibili.
“Besazi ukuthi kumele sishaye igoli, ngakho-ke sidumele ngokuthi asilitholanga. Siyazi futhi ukuthi abalandeli baphoxekile kodwa singaziqhenya kakhulu ngaleli qembu. Sizamile ukuhlasela kodwa bavala kahle emuva.
“Akusithina kuphela esiphoxekile kodwa wonke umuntu obambe iqhaza ebholeni labesifazane ngoba kwenzeka okufanayo kuma-Olympics ango-2020. Sizoqhubeka nokuthuthuka lapho sibuthaka khona siphinde sifake nabadlali abasha.
“Zikhona izifundo ezitholakalayo uma izinto zingahambanga kahle. Kufanele njalo sibuye ngamandla, ngeke sithi kuphelile ngathi ngenxa yokuthi asizange singene kuma-Olympics. Leli yithuba lokuthi sakhe kabusha,” kusho u-Ellis.
IBanyana izovikela isicoco seWafcon emqhudelwaneni ozobanjelwa eMorocco kulo nyaka. Izibekisele indawo kuwona ngokunqoba iBurkina Faso ngo 3-1 ngoDisemba nyakenye.
Inhlangano eyengamele ibhola e-Africa, iCaf, isazomemezela ukuthi lo mqhudelwano uzoqala nini njengoba kuzobe kudlalwa ama-Olympics ngoJulayi.
INigeria neZambia yibona asebezomela izwekazi i-Afrika kuma-Olympics.
IZambia inqobe iMorocco ngo 3-2 uma kuhlanganiswa yomibili imilenze.
Owokuqala owawuseNdola wanqotshwa yiMorocco ngo 2-1, iCopper Queens yathatha owesibili obuseRabat ngo 2-0.