KUGQAME abadlali beBanyana Banyana nabeMamelodi Sundowns Ladies ngesikhathi iConfederation of African Football (Caf) imemezela abadlali abasethubeni lokudla imiklomelo kumaCaf Awards ka-2023.
Umgadli weBanyana, uThembi Kgatlana nomdlali wasesiswini uJermaine Seoposenwe, uRefiloe Jane noLinda Motlhalo, bangabanye abashaye into ecokeme elakuleli lingena kwi-Last 16 eNdebeni yoMhlaba, ebiseNew Zealand nase-Australia. Laba badlali baqokwe emunxeni wePlayer of the Year.
Omunye oqokiwe unozinti weSundowns Ladies, u-Andile Dlamini, oqokwe nakwiGoalkeeper of the Year.
Umqeqeshi, uDesiree Ellis akasalanga ngaphandle njengoba esemunxeni weCoach of the Year kanjalo nomqeqeshi weLadies, uJerry Tshabalala.
URefilwe Tholakele noLebohang Ramalepe bazobanga umklomelo we-Interclub Player of the Year.
Khonamanjalo: Kulindeleke kusiphuke izidindi emdlalweni kowandulela owamanqamu eCaf Women’s Champions League phakathi kweSundowns Ladies neFAR Rabat yaseMorocco, e-Amadou Gon Coulibaly Stadium, eKorhogo, e-Ivory Coast, namuhla ngo-7 ebusuku.
ISundowns, ivule umqhudelwano ngokuvulela isibhaxu sika 2-0 kwiJKT yaseTanzania. Ilandele ngokushaya i-SC Casablanca yaseMorocco ngo 1-0, yabe isisonga isigaba samaqoqo kuGroup A ngokuxebula ngo 3-0 i-Athletico Abidjan yase-Ivory Coast ngempelasonto.
ISundowns inenebula i-Athletico Abidjan engosokhaya nje, nezimbangi zayo iFAR Rabat ngeSonto zibhaxabule ngo 2-0 iMande yaseMali ukuzibekisela indawo kweyandulela owamanqamu.
Omunye umdlalo owandulela owamanqamu ngophakathi kwe-Ampen Darkoa yaseGhana neSporting Casablanca yaseMorocco, khona namuhla ngo-10 ebusuku, eStade de San Pedro.
Okwenza umdlalo weSundowns Ladies neFAR Rabat ubhekwe ngabomvu futhi uthathwe njengowamagqubu, yingenxa yokuthi iFAR Rabat yabhambabula iSundowns ngo 4-0 kowamanqamu weWomen’s Champions League, owawudlalelwa eRabat, eMorocco, ngesizini edlule.
I-FAR Rabat yayiphuca iSundowns iqatha emlonyeni njengoba kuyiyona eyakhangula isicoco seCaf Women’s Champions League ngo-2021.
Ukaputeni weBanyana Ba Style, uZanele Nhlapho, ukholwa wukuthi ukufinyelela kwabo kowandulela owamanqamu bengangenelwanga igoli kuwubufakazi kokuzimisela kwabo kulo mqhudelwano.
“Yize besinolwazi oluncane ngamaqembu ebesizobhekana nawo eqoqweni lethu, kodwa kuyasithokozisa ukuphumelela esigabeni samaqoqo ngokunqoba yonke imidlalo futhi singangenelwa igoli.
“Lokhu kukhombisa indlela esizinikele, nesizimisele ngayo ngokuphumelela kulo mqhudelwano,” kusho uNhlapho kwi-website yeSundowns
“Lo mdlalo kasiwuthathi njengowamagqubu kodwa inhloso yethu enkulu wukuthi siwunqobe lo mqhudelwano kungakhathalekile ukuthi sibhekana naliphi iqembu.
Sifundile ekuhlulweni kwethu ngonyaka odlule (kowamanqamu), kanti nabadlali bethu abasha babambe iqhaza ekwenzeni kahle kwethu size sifike kulesi sigaba esikusona njengamanje somqhudelwano.”