ABANAVALO abadlali beqembu lesizwe lebhola labesifazane yize bebuqonda ubunzima abazobhekana nabo emzuliswaneni wokugcina wokuhlungela ama-Olympic lapho bezogadulisana khona neNigeria.
IBanyana Banyana neSuper Falcons bazotholana phezulu emlenzeni wokuqala eMKO Abiola Stadium, e-Abuja, kusasa ngo-6 ntambama. Umlenze wesibili useLoftus Stadium, ePitoli, ngoLwesibili.
Unozinti uKayln Swart, owaqala kuyona yomibili imilenze emzuliswaneni wakamuva ngesikhathi elakuleli likhipha iTanzania, kulindeleke ukuthi aqhubeke nokuba wudonga lokugcina lweBanyana kule midlalo.
Kulokhu ijezi uzobe elibanga noKatlego Moletsane benoRegirl Ngobeni ngenxa yokuthi u-Andile Dlamini uhoxile esikwatini ngenxa yokungaphili kahle.
USwart uthe bayakwazi okufanele bakwenze ukuze bazibekisele indawo kuma-Olympics azoba seParis, eFrance, kusukela ngoJulayi.
“Sizinze kahle eNigeria. Kuyashisa impela kodwa ngicabanga ukuthi sonke siqinile ngokomqondo ngakho-ke sizosijwayela isimo sezulu, siwulungele umdlalo,” kusho uSwart ethimbeni labezindaba leSafa.
“Siyazi kahle iNigeria ngoba sesibhekane nayo kaningi eminyakeni edlule. Phambilini ibijwayele ukusihlula kodwa sezijikile izinto ngoba sesikhule kakhulu njengeqembu. Ibhola labesifazane liyakhula eNingizimu Afrika, izinga selikhuphukile kunakuqala.
“Kuzoba yimpi enzima. Imiphumela yaphambilini ibalulekile kodwa ngeke ibe nomthelela omkhulu kulo mdlalo ngoba womabili amaqembu asethuthuke kakhulu. Siyazethemba yize sazi ukuthi iNigeria izovutha ingabaselwe. Sinakho okudingekayo ukuze sithole umphumela osivunayo kulo mlenze wokuqala.”
Umdlali wasesiswini uGabriela Salgado wayeseqenjini elanqoba i-Aisha Buhari Cup eyayiseLagos ngo-2021 futhi ulindele ukuthi iqembu lakuleli liphinde likhombise ukuqina emdlalweni wakusasa.
“Siyazi ukuthi lo mdlalo umqoka kangakanani, womabili amaqembu afuna ukungena kuma-Olympic. Kuzodudulana izingqungqulu zase-Afrika. Yithina ompetha bezwekazi futhi kumele sikukhombise lokho nokuthi kusifanele ukungena kuma-Olympic,” kusho uSalgado naye obekhuluma neSafa.
“Ngeke sikhale kakhulu ngesimo sezulu ngoba sake sabhekana nesimo esifanayo sidlala kwi-Aisha Buhari Cup khona lapha eNigeria futhi sawunqoba lowo mqhudelwano. Siyakwazi esikuzele lapha futhi siyakhuthazana.
“Siwubheke ngabomvu umdlalo. Sisebenze kanzima ukuze sifinyelele kulesi sigaba futhi sihlose ukuwuqedela umsebenzi.”
Amanye amaqembu azobanga ithikithi lesibili lokumela i-Afrika kuma-Olympic ebholeni labesifazane, iZambia neMorocco, azotholana phezulu eLevy Mwanawasa Stadium eNdola, eZambia, kusasa ngo-7 ebusuku.
Umlenze wesibili uzodlalelwa eMoulay Hassan Stadium edolobheni iRabat, eMorocco, ngoLwesibili.