UBONA kungakapheli ngabo embangweni wokuzibekisela indawo kuma-Olympic neNigeria umgadli weBanyana Banyana, uThembi Kgatlana, yize bekhale ngaphansi ekuhambeni.
Elakuleli linqotshwe ngo 1-0 emlenzeni wokuqala eMKO Abiola Stadium, e-Abuja ngoLwesihlanu. Igoli eliweze iSuper Falcons ekhaya kube yiphenathi ebekwe enethini nguRasheedat Ajibade ngasekupheleni kwesiwombe sokuqala.
La maqembu asezogadulisana emlenzeni wesibili eLoftus Versfeld kusasa ngo-7.30 ebusuku.
"Besingekho ngaphansi kwengcindezi kodwa imidlalo phakathi kwethu neNigeria ihlale inzima. Besilindele ukuthi nalo ngeke ube lula ngoba umzuliswano wokugcina wokuhlungela ama-Olympic," kusho uKgatlana.
"Womabili amaqembu ayilungiselele le midlalo futhi kusazodlalwa omunye umlenze. Njengoba kule midlalo yokuhlungela ama-Olympic igoli lasekuhambeni lingabalwa kabili ngeke sibe ngaphansi kwengcingezi ekhaya. Sizodlala umdlalo ojwayelekile.
"Kusinika ithemba ukuthi sizodlalela ekhaya, endaweni esiyijwayele nasenkundleni esiyaziyo futhi ezobe ivuna uhlobo lomdlalo esithanda ukulidlala. Sisangenelwe yiphenathi kuphela. Sizowuhlaziya umdlalo sibone ukuthi yikuphi esingakwenza kangcono ukuze sinqobe."
Umqeqeshi weBanyana, uDesiree Ellis, uthe: "Besivele sishilo ukuthi kuzoba umdlalo onzima, nokuthi konke kuzocaca uma isidlalwe yomibili imilenze. Sikholwa wukuthi sisenalo ithuba. Sikwazile ukwakha amathuba ambalwa kodwa iphenathi iyona enqume umphumela womdlalo. Umdlalo awukapheli ngoba kusekhona umlenze wesibili.
"Ngicabanga ukuthi silikhuphulile izinga esiwombeni sesibili, sawathola mamathuba okulinganisa, besingayithola nephenathi ngesikhathi uJermaine (Seoposenwe) ewiswa ebhokisini. Noma kunjalo ngiyaziqhenya ngeqembu, sesizogxila emlenzeni wesibili ozoba sePitoli.
“Besinenqwaba yabadlali ababuya ekulimaleni nokungenye yezinto okungenzeka ukuthi ibe nomthelela endleleni esiqale ngayo umdlalo. Bazobe sebesesimweni esingcono kakhulu emlenzeni wesibili."
Komunye umdlalo wokuhlungela ama-Olympic obuseLevy Mwanawasa Stadium, eNdola, ngoLwesihlanu, iqembu lasekhaya iZambia linqotshwe yiMorocco ngo 2-1.
Umlenze wesibili uzodlalelwa eMoulay Hassan Stadium, eRabat, kusasa ngo-10 ebusuku.