ABAGADLI abake badlala phambilini esigabeni esikhulu sePremier Soccer League (PSL) basembangweni wesicathulo segolide oshubile kwiMotsepe Foundation Championship njengoba sekusele imidlalo embalwa ukuba isongwe.
Njengoba iMagesi FC ne-University of Pretoria besembangweni wokukhushulelwa kwiDStv Premiership, abagadli abake badlala kwi-Ajax Cape Town, Chippa United, Kaizer Chiefs, Mamelodi Sundowns ne-Orlando Pirates bakowabo umbango wokugcotshwa njengomshini wamagoli ovelele kule sizini kulesi sigaba.
Eqhulwini kuhleli uPrince Nxumalo, owafika esigabeni esikhulu nge-Ajax kodwa oke wadlala nakwiBivest Wits. Uzihola phambili ngamagoli angu-15.
UNxumalo oke wahlushwa ukugula okuhambisana nesifo sokuwa, ekubeni kade kubhekwe lukhulu kuyena ngesikhathi efika esigabeni esikhulu, usemabhukwini e-JDR Stars.
I-JDR esendaweni yesithathu kwi-log izobhekana neCasric Stars kusasa ngo-3 ntambama, eSolomon Mahlangu Stadium, KwaMhlanga.
ICasric idlalelwa uDecide Chauke, ongomunye wabagadli abamise kabi uNxumalo kulo mbango ngamagoli kwazise yena unawu-11 kule sizini.
UChauke uqale ukuzakhela igama kwiBaroka FC isadlala esigabeni esikhulu wabuye wabonakala nakwiChippa ngaphambi kokwehlela kwiMotsepe Foundation.
Phakathi kwalaba bagadli kukhona (umgadli) weBlack Leaopards, uBethuel Muzeu, okade egqamile kwiNamibia ebidlala kwi-Africa Cup of Nations (Afcon) ebise-Ivory Coast ezinyangeni ezedlule.
Ngendlela adlale kahle ngayo kwi-Afcon lo mgadli onamagoli angu-13 kwiMotsepe Foundation, usephenduke inyama emaqenjini ahlonishwayo kuleli nakwawaphesheya kwezilwandle ngokusho kwabaphathi beLidoda Duvha.
UMuzeu ubenethuba lokwandisa kulesi sibalo kwazise iLeopards ibinomdlalo ne-Orbit College FC izolo ntambama.
Omunye wabadlali abayohlale besemlandweni webhola laseNingizimu Afrika ngenxa yokubangwa esidlangalaleni iChiefs nePirates, uSiphelele “Shaka Zulu” Mthembu, ukhona kulo mbango kwazise useshayele iPretoria Callies amagoli angu-10.
Lo mgadli oke wagijima nakwiCape Town City, Free State Stars nakuMaZulu FC ubenelakhe ithuba lokwandisa njengoba bebebhekene ne-Upington College khona izolo ntambama.
I-Upington idlalelwa uKeletso Makgalwa, wodumo kwiSundowns, TS Galaxy nakwiMoroka Swallows lapho ezihola khona phambili ngamagoli ayisishiyagalolunye kusukela efikile kuleli qembu ngo-Okthoba nyakenye.
Imidlalo yeMotsepe Foundation Championship:
NgoMgqibelo - Ngo-3pm: Milford FC v NB La Masia (Princess Magogo Stadium); Magesi FC v Maritzburg United (Old Peter Mokaba Stadium); Hungry Lions v Baroka FC (GWK Park); Venda Football Club v University of Pretoria (Thohoyandou Stadium)
NgeSonto - Ngo-3pm: Marumo Gallants v Platinum City Rovers (Isak Steyl Stadium); Casric Stars v JDR Stars (Solomon Mahlangu Stadium)