ILAMONTVILLE Golden Arrows ibuye ngemizuzu yokugcina ihlwitha iphuzu kwiStellenbosch FC ibambana nayo ngo 1-1 emdlalweni weDStv Premiership obudlalelwa ePrincess Magogo Stadium, KwaMashu, ngoLwesihlanu ebusuku.
IStellenbosch yiyona ebibone inethi kuqala kulo mdlalo ngegoli elivalelwe phakathi uJayden Adams ngomzuzu ka-23 esiwombeni sokuqala neziye ekhefini kuvele kuyiyona ebihamba phambili.
Kodwa ngenkathi iStellenbosch isithembile ukuthi ibuyela nawo womathathu amaphuzu eStellenbosch, uThabani Zuke weGolden Arrows ufike njengesela ebusuku eshaya igoli lokulinganisa ngomzuzu ka-90, eliphoqe ukuba la maqembu acazelane amaphuzu.
IGolden Arrows ibize kulo mdlalo isiqoqe amaphuzu amane emidlalweni emibili ngemuva kokuxebula iSwallows FC ngo 4-0, okulandelwe wukudlala ngokulingana ngo 1-1 neCape Town City.
Empeleni emidlalweni emihlanu ngaphambi koweStellenbosch, iGolden Arrows ibisinqobe emithathu yahlulwa kowodwa yadlala ngokulingana kowodwa.
Ngakolunye uhlangothi iStellies ibize kulo mdlalo izikhotha amanxeba kulandela ukubhaxabulwa kwayo ngo 3-1 yiKaizer Chiefs ngeledlule, emdlalweni lapho khona umgadli weChiefs uCaleb Bimenyimana evalele amaphenathi amathathu.
Nakuba iwini ibingenza umehluko kuBafana Bes’thende endaweni ekuyona njengamanje kwi-log okuyindawo yesikhombisa, kodwa ngasohlangothini lwethimba labaqeqeshi baleli qembu eliholwa uVusumuzi Vilakazi noMabhuti Khenyeza, imiphumela yakamuva etholwe yileli qembu ibukeka ithembisa kakhulu ngenqubekela phambi yalaba baqeqeshi abanikwe izintambo zokuqeqesha ngokugcwele ngaphambi kokuqala kwale sizini.