XOLILE MPISANE
I-ORLANDO Pirates isethubeni lokuqopha umlando kwiNedbank Cup kule sizini, ngokuba yiqembu lokuqala ukunqoba indebe amahlandla amathathu kulandelana. Kepha, uhambo lwayo luzoqala kusasa ngomdlalo onzima weLast 32 lapho izobhekana neRichards FC.
Ezimnyama, ezibe ngompetha bomqhudelwano kumasizini amabili edlule, zizovakashela iNatal Rich Boyz, ngo-3 ntambama eKing Zwelithini Stadium, eMlaza.
Ngasekuqaleni kwesizini iqembu likaJose Riveiro, liqophe umlando ngokuba ngelokuqala ukudla isicoco seMTN 8 kathathu kulandelana, okuyinto eliizozama ukuyiphinda kwiNedbank.
Selokhu umqhudelwano waqala ukudlalwa ngo-2008, yiPirates neSuperSport United kuphela asebekwazile ukuvikela isicoco kanye, njengoba leli qembu lase-Orlando, selibheke ukusivikela okwesibili.
Yize iNedbank Cup iwumqhudelwano ohlanganise amaqembu asesigabeni esiphezulu nalawa aqhamuka kwesiphansi, okubalwa kuwona nama-amesha, ezikaMagebhula zizowuvula ngokubhekana nelinye iqembu eligijima kwiligi ephezulu futhi elijwayele ukuzithwalisa kanzima.
“Singelinye lamaqembu akule ligi aziyo ukuthi kunzima kanjani ukudlala neRichards Bay. Sidlale nayo kathathu ngesizini edlule, sangashaya nelilodwa igoli. Yasikhipha kwiCarling Knockout, yasiqumba phansi ngo 1-0 koweligi e-Orlando, kwathi owawuseThekwini waphela ngo 0-0,” kusho uRiveiro.
"Sikwazile ukubahlula kabili kwiligi kule sizini kodwa yomibili imidlalo ibinzima kakhulu. Sadinga ukushaya igoli usuyophela umdlalo sibhekene nabo eThekwini, kanti nasekhaya sanqoba ngegoli elilodwa. Kunzima ngempela ukudlala nabo.”
Lo mqeqeshi odabuka eSpain, uthe abakwenze kulo mqhudelwano kuzobanika ukuzethemba kodwa bazi kamhlophe ukuthi umsebenzi kufanele uqale kabusha enkundleni kusasa.
"Sijabule kakhulu njengoba sizophinde siqale iNedbank Cup. Sinezinkumbulo ezinhle ngalo mqhudelwano ngenxa yempumelelo esibe nayo kumasizini amabili edlule. Sinomsebenzi onzima osihlalele wokuvikela isicoco futhi," usho kanje uRiveiro.
“Sizozama konke okusemandleni ethu, siqonde ukuthi njengoba kuwumqhudelwano womkhumulajezi konke kuncike kulo mdlalo owodwa, hhayi emlandweni. Kufanele sibe sezingeni lethu eliphezulu, njengenjwayelo. Uma sifuna ukunqoba iNedbank Cup sidinga ukuthatha yonke imidlalo njengowamanqamu ngoba wonke amaqembu afuna ukwenza kahle kulo mqhudelwano,” kuphetha Riveiro.
Imidlalo yeNedbank Cup kule mpelasonto
Namuhla: 3pm - Lamontville Golden Arrows v Chippa United, Venda FC v Cape Town Spurs, Umvoti v Baroka, Lerumo Lions v Durban City’ 6pm - Mamelodi Sundowns v Sibanye Golden Stars
Kusasa: 3pm - Richards Bay FC v Orlando Pirates, Mpheni Home Defenders v Hungry Lions, Polokwane City v The Bees; 6pm - Kaizer Chiefs v Free Agents FC