NGESIKHATHI iningi lizobe libheke ukwenza izikhathi zama-Olympic Games kwiDurban International Marathon, intokazi yeHollywoodbets AC, uLethokuhle Letsoalo, izobe ilungiselela iComrades Marathon.
IDurban International ingaphansi kwesigaba seWorld Athletics Label Road Race, ingeSonto. Ngaphansi kwayo kucushiswe ama-SA Marathon Championships.
Kuzoba ngokokuqala kulo nyaka ukuthi kucushiswe namaConfederation of Africa Athletics Region 5 Championships.
Lokhu kusho ukuthi umjaho wanonyaka uzohanjelwa inqwaba yabagijimi base-Afrika bezinga eliphezulu, abafuna ukwenza izikhathi zama-Olympic, angoJulayi 26, asongwe ngo-Agasti 11, eParis, eFrance.
ULethokuhle usesikwatini sabasubathi abawu-20 abazomela iKwaZulu-Natal Athletics (KZNA) kuma-ASA Marathon Championships.
Le ntokazi enamava kulo mdlalo, itshele Isolezwe ukuthi ngeSonto ifuna ukwenza isikhathi esingaphansi kwamahora amathathu.
Iya kulo mjaho, ivele isisenzile isikhathi esiyifake kwiComrades Marathona yalo nyaka ezobe inyuka ngoJuni 9.
"Ahamba kahle amalungiselelo omjaho. Isifiso sami ukutholela ikilabhu yami neKwaZulu-Natal indondo. Ngifuna nokwenza isikhathi esingaphansi kwamahora amathathu. Sizongisiza ekubekweni endaweni enhle uma sekuqala iComrades. NgeSonto, ngilindele ukuthi kube nzima kwazise kuzobe kukhona lonke uhlobo lwabagijimi," kubeka uLethokuhle olale indawo yesi-28 kwiComrades yanyakenye ngo-7:02:52.
Ekuqaleni kwalo nyaka, ulale indawo yesithupha (3:45.42) kwiRunified City 50km, Gqeberha. Ulandele ngokunqoba iPDAC 25km (1:47:36). KwiBest of the Best Marathon 21km uphume eyisishiyagalolunye (1:32:18)..
Usunconywe kakhulu umzila weDurban International ngokusiza abasubathi ukuthi benze izikhathi ezinhle. Kuphuka namarekhodi kuwo.
Nyakenye, kwabesilisa, uTebello Ramakongoane waseLesotho, uliphule ngesiwu-2:10.11. Kwabesifazane liphinde laphulwa yintokazi, u-Annie Bothman ngesiwu-2:30.31.
NgeSonto, kulindeleke izinyamazane ezinjengoTigabu Gebramariam wase-Ethiopia noBernard Rotich waseKenya abanezikhathi ezingaphansi kuka-2:10.
Abazoshaya intambo bazogoduka no-R75 000. Nyakenye bekuwu-R50 000.
Abazophula amarekhodi anyakenye, ngemizuzwana ewu-30 bazonikwa uchatha ka-R2 500 bese abazowaqhephula ngewu-31 kuya ku-60 bangezelwe ngo-R500.
Abazowaphula ngemizuzwana ewu-90 bazongezelwa ngo-R10 000. Abazogijima isikhathi esingaphansi ngemizuzu emithathu bazokwengezelwa ngo-R30 000.
Lokhu kusho ukuthi basethubeni lokugoduka no-R105 000 abagijimi abazoshaya izikhathi ezinhle.
Abesilisa abafuna ukuya kuma-Olympic, kumele benze u-2:08.10, kwabesifazane u-2:26.50.