UMAMA wamantombazane amane ongujele, uZiphindile Dlamini (39), uveza ukuthi uqhubeka nokugijima iComrades Marathon ngoba ehlose ukunika ozakwabo umdlandla wokumelana nezimo ezinzima ababhekana nazo emsebenzini.
Isolezwe lizithele kuZiphindile ehambisana nozakwabo agijima nabo kwiCorrectional Services AC, embukisweni weComrades Marathon, e-Exhibition Centre, eThekwini.
Iningi lalaba bagijimi bekungabesifazane. Bebephelezelwa ozakwabo besilisa abebedlubhe imifaniswano yojele.
UZiphindile osebenza ejele laseCaroline, eMpumalanga, uthe uzobe eyigijima okwesishiyagalombili iComrades kusasa.
Umjaho walo nyaka uzoqala ngo-5.30 ekuseni, eCity Hall, eThekwini. Uzophelela eHollywoodbets Scottville Racecourse, eMgungundlovu. Ibanga lalo nyaka lizobe lingu-85.9km.
UZiphindile odabuka eZinqoleni, esifundeni sasoGwini nosenomuzi eCaroline, uthe awulula umsebenzi wabo njengoba abantu becabanga.
Uthe njengoba beqapha abantu abenze amacala ehlukene babhekana nezinkinga eziningi.
Uqhube wathi uma egijima iComrades usuke eqonde ukutusa ubuqhawe bojele kulona lonke elakuleli.
"Ngithi qhubekani bozakwethu nokusebenza ngokuzimisela nokuthembeka. Umsebenzi wethu awulula njengoba abantu becabanga. Ngebhadi bambalwa ababona ubuhle esibenza emajele. Ngiyanithembisa, ngeke nginiphoxe nakulo nyaka kwiComrades, ngizoqhubeka nokuphakamisa igama lenu," usho kanje.
Uyazethemba uma kwenyukwa. Isikhathi esihle aseke wasenza kubhekwe eMgungundlovu u-9:09:04 ngo-2016, wathola indondo yethusi. Ezinye azenzile kukhushukwa nazo bezingaphansi kwamahora ayishumi.
Nyakenye kwehliwa washaya isikhathi esihle aseke wasithola, eqeda ngo-8:41:53.
Ugqugquzele ozakwabo ukuthi bayijoyine kwezokusubatha. Uthe lo mdlalo usiza kakhulu ekubeni nomqondo ophusile nonempilo.
“Lapho ngisebenza khona kuneziboshwa zabesilisa kuphela. Kwesinye isikhathi siphazamisana sodwa singabasebenzi nabaphathi. Ngiwumama onezingane ezine noshadele kwaDlamini. Kumele ngenze isiqiniseko sokuthi umndeni wami uhlala usesimweni esihle. Kunzima ukubhalansisa zonke lezi zinto. Mina uma sengididekile ngivele ngikhumbule amateku ami. Kwikhilomitha lokuqala ngiba imina. Ngokuqhubeka kwesikhathi ngingena komunye umzimba. Ngithi ngibuyela emsebenzini noma ekhaya ngibe senginazo izixazululo.”
Uthe uthando lokugijima lwamqala ngesikhathi kunesasasa lokuza kweNdebe yoMhlaba kuleli ngo-2010.
Ngalowo nyaka wangenela iComrades yokuqala. Efa insini, uthe wacishe waphuma endleleni ngenxa yobunzima.
"Ngacishe ngashiya izingane zami ngenxa yokuyizela ngobuso iComrades. Sengiyiqedile ngagula isikhathi eside. Ngake ngathi ukuyiziba iminyaka. Ngokuqhubeka kwesikhathi ngabuyela kuyona," kuqhuba uZiphindile.
Uveze ukuthi ngenxa yothando lwalo mjaho, ushiye eMpumalanga indodakazi eneminyaka emibili.
“Awu, isikhulile intombazane yami. Ngonyaka odlule ngaya kwiComrades inonyaka kuphela. Yayibuhlungu inhliziyo yami ngesikhathi ngihamba. Ngathi ngibuya yalifuna ngodli ibele layo. Ngisizwa ukuthi nginosisi ongilekelelayo ekhaya.”
Uveze ukuthi kuzoba ngokwesithathu egijima iComrades inyuka.
Ubonge wanconcoza eMnyangweni wokuHlumeleliswa kweziMilo ngokubanika isikhathi sokuziqeqesha.