USETHEMBELE kwiKwaZulu-Natal ukuthi imsebenzele ukuze ezokwenza isikhathi esizomfaka kuma-Olympic Games, uGlenrose Xaba osanda kunqoba amaSA 10km Championships, eRandburg, eGoli.
Kulo mqhudelwano obungempelasonto edlule, ugijime isikhathi esingu-33.00. Bekungokwesithathu kulandelana enqoba lo mjaho. Usebe umpetha wawo amahlandla amahlanu.
Le ntokazi eqeqeshwa nguCaster Semenya, itshele Isolezwe ukuthi kuma-Olympics aqala ngoJulayi 24 asongwe ngo-Agasti 11, eParis, eFrance, ifuna ukumela elakuleli ebangeni lika-10 000m.
Kuzokhumbuleka ukuthi ngonyaka odlule, wuye uGlenrose owanqoba kuleli banga ngesikhathi esiwu-33:02.01 kuma-SA Track & Field Championship, abesePotchefstroom, eNorth West. Wayenqoba ihlandla lesithupha.
Uthe wethemba ukuthi uzokwazi emqhudelwaneni walo nyaka ukwenza isikhathi esizomyisa eParis.
IKwaZulu-Natal iyona ezobe isingethe amaSA Track & Field Championship ezoba eMsunduzi Athletics Stadium, eMgungundlovu, ngo-Ephreli 18-21,
UGlenrose kumele enze isikhathi esiwu-30:40.00 ukuya eParis. Kwabesilisa kudingeka u-27:00.
Uthe unethemba lokuthi iKwaZulu-Natal izoqhubeka nokumphatha kahle.
"Ngaphatheka kabi kakhulu ngo-2021, ngihluleka ukuya kuma-Olympics, eTokyo, ngenxa yokulimala. Kulokhu ngithandazela ukuthi uNkulunkulu abe nami, ngingalimali. Kuyisifiso sami ukuyomela izwela lami kuma-Olympics alo nyaka. IKwaZulu-Natal ijwayele ukungiphatha kahle. Nginethemba lokuthi ngizokwazi ukwenza khona isikhathi esizongiyisa eParis. Njengamanje ngimatasa nokwenyusa ijubane lami," kubeka uGlenrose, oke wamela elakuleli kumaWorld Athletics Half Marathon Championships, ngo-2020, ePoland.
Ungomunye wabagijimi abazomela elakuleli kumaWorld Cross Country Championship, ngoMashi, 30, eBelgrade, eSerbia. Kuzoba ngokwesine emela elakuleli kulo mqhudelwano.
UGlenrose uthe ngenyanga edlule ubeseKenya, eyogijima iSirikwa Classic Cross-Country Tour.
Uphume indawo yesi-28, ngesikhathi esiwu-36.39 ebangeni lika-10km.
"Bengiyoqhubeka nokwenza amalungiselelo aseSerbia. Sengilungisa izinto ezimbalwa, sengikulungele ukuya eSerbia. Akudlalwa nezingane zaseKenya. Umsubathi wakhona unqobe ngisikhathi esingu-31.50 kwiSirikwa Classic Cross-Country Tour. Ukube kuya ngami ngabe amalungiselelo sewenzela khona uma kuzoba nemiqhudelwano yomhlaba.“