UMQWALI wezintaba wodumo, uSibusiso Vilane, ngomunye wabazobe begijima kwiComrades Marathon yakulo nyaka ngeSonto kusukwa eThekwini kubhekwe eMgungundlovu.
UVilane (53) uphakathi kwabagijimi abazobe begijimela ukuzigcina beyimiqemane kwiComrades yakulo nyaka yebanga lika-85.9km ezogijinywa ngeSonto ekuseni kusukwa eCity Hall, eThekwini, kubhekwe eScottville Racecourse, eMgungundlovu.
Uzobe egijima iComrades okwehlandla lika-14 kulo nyaka njengoba esekwenze kwaba yinjwayelo kuyena ukugijima imijaho yamabanga amade okubalwa kuyo neTwo Oceans Marathon.
UVilane odabuka eShongwe Mission, eMpumalanga, wazakhela igama eminyakeni edlule ngokuba ngumqwali zintaba wokuqala wase-Afrika ukufinyelelela esicongweni sentaba iMount Everest, eseGreat Himalayas, e-Asia, ngo-2003.
Ngaphandle kokuqwala iMount Everest, uVilane useqwale ngempumelelo nezinye izintaba ezinde emhlabeni okubalwa kuzo iMount Kilimanjaro, eseTanzania, i-Aconcagua ese-Argentina nezinye.
“Ngizobe ngigijima iComrades okuka-14 futhi senginezindondo ezingu-12 kulo mjaho. Ngaphandle nje kokugijima kulo mjaho ngizobe ngifuqa mkhankaso wokukhuthaza ukufundwa kwezincwadi ngokubambisana kwami neLiteracy For Life.
Ngalo mkhankaso kugqugquzelwa kuphinde kuhlinzekwe intsha yasemiphakathini esilele emuva ngentuthuko nengqalasizinda ngezincwadi ukuze sakhe isizwe esifundayo nesinolwazi.
Kanti futhi ngifuqa nomkhankaso wokudodisa abafana abancane ukuthi bakhule babe ngamadoda aqotho nabaholi emphakathi, ngaphansi kohlelo iVusisizwe.
Nginxusa kakhulu umphakathi waseNingizimu Afrika ukuthi useseke kulo mkhankaso wokuthuthukisa isizwe nokukhulisa abafana emiphakathini yethu,” kusho uVilane.
Ngaphandle kukaVilane, kulindeleke ukuba kubonakale nabanye osaziwayo emikhakheni eyahlukene yempilo bebambe iqhaza kulo mjaho wodumo, ogqugquzela abantu jikelele ngokubaluleka kokuzivocavoca ngenhloso yokulwa nezifo ezahlukene.