NAKUBA umgijimi weBoxer AC, uCacisile Sosibo ekujabulela ukuhlonishwa aseqala ukukuthola, kodwa kumshayisa ngovalo ngoba ethi abantu sebelindela ukuthi enze kahle kuyo yonke imijaho.
USosibo ngeSonto uzogijima ibanga lika-21km kwiPrince Mangosuthu Ultra Marathon. Umjaho omkhulu ngowelika-52km.
Uzobe wenyuka njengoba uzosukela ePrincess Magogo Building, eDundee uphelele eNquthu Stadium.
Abazoshaya intambo emjahweni omkhulu bazoklonyeliswa ngesamba sika-R100 000. Isibili kuzoba u-R50 000, isithathu kube u-R25 000.
Kwelika-21km kulindeleke ukuthi kushube njengoba abazonqoba bezogoduka no-R50 000. Kukhona no-10km okhokha u-R5000.
Akukapheli sikhathi esingakanani le ntokazi yaseKilmon ngase-Underberg, ijoyine lo mdlalo.
Nokho seyiqalile ukubalwa nabagijimi abahlonishwayo kumabanga amafishane naphakathi nendawo.
Ngenxa yokwenza kahle, ngoMashi beyisesikwatini sabebemele iNingizumu Afrika kumaWorld Athletics Cross-Country Championships aseBeograd enhlokodolobha yaseSerbia.
Empeleni ukumela elakuleli ikuqale ngo-Okthoba, nyakenye, kumaWorld Athletics Road Running 21km Championships abesRiga, eLatvia.
Yenze kahle ilala kweyeshumi (1:09.31) ekubeni beyiqala ukuphumela ngaphandle.
Emasontweni edlule iphinde yenza kahle ilala isibili (36:03) kuma-ASA Senior Track & Field National Championships, abeseMsunduzi Athletics Stadium, eMgungundlovu. Bekuwu-10 000m.
Ngasekuqaleni konyaka ilale isithathu (35:05) kuma-ASA 10km Road Running Championships.
Iphinde yaphuma isine (1:33.06) emlenzeni waseCape Town wochungechunge luka-10km lweSpar Women’s Grand Prix Series.
Le ntokazi ithi njengoba iya kwiPrince Mangosuthu kukhona asebemdlalisa ngokumcela imali.
Bathi banesiqiniseko sokuthi uzobuya nawo lo-R50 000.
"Ngiyakujabulela impela ukuthi abantu sebeyangihlonipha futhi bahlale bengifisela inhlanhla. Into engiphatha kabi ukuthi sebelindela ukuthi ngihlale nginqoba. Lokhu kungifakela ingcindezi.
“Nasemasontweni edlule kade sigijima kuma-ASA Senior Track & Field eMgungundlovu bebelibeka ngembaba elokuthi ngizonqoba. Akwenzekanga.
“Njengoba ngiya nakwiPrince Mangosuthu kukhona abangifakela ingcindezi yokunqoba. Ngicela bakuyeke lokhu, kuyangiphazamisa emqondweni nasemoyeni," kuzicelela uSosibo.
Uthe ngeSonto isifiso sakhe ukwenza isikhathi esingcono ku-21km. Esihle kunazo zonke ake wasigijima kuleli banga u-1:09.31
Nyakenye kwabesilisa, emjahweni omkhulu kwanqoba uNtsindiso Mphakathi (2:56.29).
Utshele leli phephandaba ukuthi uzobe engekho kusasa. Kwabesimame kwakhonya uShelmith Muriuki waseKenya (3:22.18).
Ku-21 km, kwabesilisa kwanqoba uJobo Khotoane (1:04.09), kwisibhuda kwaba uNeheng Khathala (1:17.15).
Nyakenye uSosibo oqeqeshwa uqweqwe, uMichael "Sponge" Seme wuye owanqoba ku-10km enza u-35:22.
IMeya yesiFunda uMzinyathi, uPetros Ngubane iveze ukuthi ingu-R750 000 seyiyonke imali ebekelwe imiklomelo.
Kuzoba ngokokuqala kulo nyaka ukuthi iPrince Mangosuthu eyasungulwa ngo-2019, igijinywe engasekho emhlabeni uMntwana waKwaPhindangene, uMangosuthu Buthelezi.