NGENDLELA uNksz Cynthia "Diva" Smith aphephuka ngayo emiqhudelwaneni yokugijima, ungaphika uma ekutshela ukuthi uke wahlaselwa umdlavuza webele.
Le ntokazi yaseHillcrest, eThekwini, ingumgijimi ongagijimeli ukunqoba (social runner), isizakhele udumo endimeni yezokugijima ngokuhloba ngemibala egqamile kusukela ekhanda kuyoshaya ezinyaweni.
Njalo uma kuqala umjaho yaziwa ngokuthatha izithombe imise uphawu lokunqoba. Ngokusho kwayo lolo phawu lusho ukunqoba kwayo umdlavuza webele oqale ukuyihlasela ngo-2016, ineminyaka ewu-26. Namhlanje inewu-33. Uyihlasele ebeleni lesokudla.
UNksz Smith uhlangane naleli phephandaba kade eyingxenye yePrince Mangosuthu Ultra 52km Marathon, ebisuka eDundee iphelela eNquthu, ngempelasonto edlule. Ngemuva kwalo mjaho bekungathi akazange angene emzileni. Ubebukeka engakhathele. Utshele Isolezwe ukuthi ufisa abantu besifazane babukele kuye, balwe nomdlavuza webele ngayo yonke indlela. Uveze ukuthi amandla okulwa nalesilwane uwanikwe umdlalo wezokusubatha.
"Ngo-2016 ngamilwa isigaxa ebeleni. Kwaphela izinyanga ezimbili nginganakile. Ngathuka kakhulu ngisibona sikhula lesi sigaxa ngangingazi ukuthi sidalwa yini. Ugogo womlungu engangihlala naye wangeluleka ngokuthi angiye emtholampilo. Khona bangidlulisela esibhedlala ngokushesha. Ngahlolwa kane ngokwehlukana eR.K Khan naseNkosi Albert Luthuli. Ekugcineni kwatholakala ukuthi umdlavuza wami usuku-stage 2," kubeka uNksz Smith.
Uqhube wathi, u-2018 waba nzima kakhulu empilweni yakhe njengoba aqala isigaba sokuqala se-chemotherapy. Uthe esesiqedile ngonyaka ofanayo wahlinzwa ibele waphinde wenza esesibili.
"Kwakunzima kakhulu ngo-2018. Izinhlungu zazisho ukungiqeda. Nokho okwacishe kwangibulala ukhwantalala. Ngangibona sekuphelile ngempilo yami. Ilapho engaqala khona ukugijima. Ngajoyina iHillcrest Villagers AC. Le kilabhu yanginxhasa ngendlela emangalisayo. Lwaqala lwehla ukhwantalala. Zathi zingehla izinhlungu, ngasekupheleni kwawo u-2018, nganikela eGauteng ngiyogijima ibanga lika-42km, kwiSoweto Marathon. Ngajabula kakhulu ngoba ngaliqeda. Nokho ngaqeda ngizwile. Lokhu kwakudalwa ukuthi i-chemotherapy ngangiyidle kuwuLwesithathu, umjaho wawungeSonto," kuqhubeka uNksz Smith.
Uthe nyakenye ubuhlungu nobunzima buphinde babuya njengoba ahlinzwa, efakwa ibele elisha.
Uveze ukuthi okwaba nzima kakhulu ukuthi wahlinzwa nakwezinye izindawo kukhishwa izicubu okwapheshwa ngazo ebeleni. UNksz Smith obekungokwesibili egijima iPrince Mangosuthu, uthe kwakunzima kakhulu ngoba wayengakwazi nokuhamba.
Uthe zathi zingehla izinhlungu wabuyela ekugijimeni. Nyakenye uqede ibanga lika-42km kwiCape Town nakwiSoweto Marathon. Le ntokazi iluleke abesifazane ukuthi babe ngabangani nemitholampilo ngoba umdlavuza uyalapheka uma usheshe watholakala.
" Abantu besifazane abadle ukudla okunomsoco. Nokho okubaluleke kakhulu ukugijima. I-chemotherapy ibulala wonke amasosha omzimba. Engikufundile ukuthi uma ungawunyakazisi umzimba kukhona lapho efika yakhele khona. Kungaba isezinzipheni zezandla noma zezinyawo. Ongaligijimisi igazi ubona esevuvukala. Uma ugijima igazi lihlale lishisa, i-chemotherapy ayiyitholi indawo yokuhlala".
UNksz Smith uthe emuva kokuqala ukugijima uhlangane nabantu abahlukene, abamxoxele izinkinga abadlula kuzo.
" Sengiqale ukugijima uphume wonke umqondo wokuthi ngizonqotshwa umdlavuza webele. Abantu badinga ukwaziswa kabanzi ngalesi sifo. Bavele bazitshele ukuthi uma sewunaso sekuphelile. Namhlanje ngineminyaka ewu-33, ngiphila saka. Nama-test ahamba kahle. Ngisazoqhubeka nokuba iDiva yezokusubatha," kubeka lo msubathi efa insini.
Ngesikhathi eseqedwe wonke amabanga ePrince Mangosuthu kucule abaculi bamasikandi abehlukene. UNksz Smith ubebonakala eqala amaculo ehlaba nengoma.