UWAQALE ngegiya eliphezulu ama-ASA Senior Track & Field National Championships, u-Akani Simbine, efinyelela kalula kowandulela amanqamu ebangeni lika-100m ngoLwesine eMgungundlovu.
Ku-heat 1 unqobe ngesikhathi esiwu-10.07. Kowandulela owamanqamu lo mgijimi ongaphansi kweCentral Gauteng Athletics (CGA), ushaye intambo ngo-10. 27.
Umjaho wamanqamu ungoLwesihlanu, ngo-5.30 ntambama. Kweminye eyandulela eyamanqamu, kukhonye uKarriem Abduragmaan (10.44) weWestern Province Athletics (WPA) noBayanda Walaza (10.31) we-Athletics Gauteng North (AGN).
Kwabesifazana abakhonye kuwo u-100m, uTamzin Thomas (11.06) noViwe Jingqa (11.51) abagijimela i-Athletics Central North West (ACNW).
Nakulobu bulili owamanqamu ungoLwesihlanu ngo-5.20 ntambama.
Kuzokhumbuleka ukuthi kulo mqhudelwano nyakenye, uSimbine unqobe ngesika-10.31.
Uphinde aphathe irekhodi lakuleli lika-9.84 alenze ngo-2021, eHungary.
Uvele usesenzile isikhathi esimfaka kuma-Olympic Games aqala ngoJulayi 26 asongwe ngo-Agasti 11, eParis eFrance.
Kulokhu kubhekwe ukuthi anqobe indondo yakhe yokuqala kuma-Olympic njengoba esaneshwa lokuhluleka esefike kowamanqamu.
Ngo-2016, eRio de Janeiro, eBrazil kuwo u-100m, ulale isihlanu kwathi ngo-2021 eTokyo, eJapan waphuma isine.
Nyakenye uphinde waba neshwa ekhishwa ngekhadi elibomvu kowandulela owamanqamu aleli banga, kumaWorld Athletics Championships, eBudapest, eHungary.
Intokazi uGlenrose "Supercharger" Xaba we-AGN, iphinde yatshengisa ukuthi iyingwenya kulo mdlalo, inqoba owamanqamu ebangeni lika-5000m ngesiwu-15:48.04.
Simehlulile isikhathi sama-Olympic esiwu-14:52.00. Isibili sithathwe uPrudence Sekgodiso weKwaZulu-Natal Athletics (KZNA) ngesiwu-16:02.02.
UGlenrose uzophinde agijime ngoMgqibelo ngo-3 ntambama ku-10 000m. Uzobe ebheke ukwenza esama-Olympic esiwu-30:40.00.
Ku-10 000m, kwabesilisa kunqobe uNadeel Wildschutt ngo-29:15.95. Indawo yesibili ithathwe uPuseletso Mofokeng (29:19.0)
USibusiso Kubheka weKZNA uphume isithathu ngesiwu-29:43.
NgoLwesine ku-400m, kuphoxeke abaningi kuvela ukuthi owayengumpetha womhlaba, uWayde van Niekerk ngeke abe khona.
Uzogijima u-200m ngoLwesihlanu ngo-10 ekuseni. Lokhu kunike ithuba insizwa yaKwaZulu-Natal, uZakithi Nene ithuba lokuphinde akhonye.
Ku-heat 1, le nsizwa yaseMnambithi inqobe ngo-46.05. Nyakenye idle umhlanganiso ngesiwu-45.51. Naye usesenzile isikhathi sama-Olympic.
Kwamanye ama-heat kunqobe uLythe Pillay (46.0), Nhlanhla Maseko (47.01) beCGA, Mthi Mthimkhulu (46.06) we-Athletics Free State (AFS) noLeon de Villiers ( 47.1) we-AGN.
Eyandulela eyamanqamu ingoLwesihlanu, ngo-2.40 ntambama. Kuzoqala awabesifazane ngo-2.30.