UMGIJIMI wamabanga amade, uSiboniso Sikhakhane, uthi unokuzethemba okukhulu ngokuthi uzokwenza into yamehlo emjahweni iTotalsports Two Oceans Marathon okusasa ngoMgqibelo, eKapa.
UMGIJIMI wamabanga amade, uSiboniso Sikhakhane, uthi unokuzethemba okukhulu ngokuthi uzokwenza into yamehlo emjahweni iTotalsports Two Oceans Marathon okusasa ngoMgqibelo, eKapa.
Kulo mjaho webanga lika-56km kubhekwe abagijimi okubalwa kubo uGivemore Mudzinganyama owadla umhlanganiso nyakenye, uDan Matshailwe owalala isibili, noStephen Mokoka ozobe egijima okokuqala.
USikhakhane oqeqeshwa wuHendrik Ramaala ngaphansi kweNtsika Athletics Club, nakuba engalibonanga elidlalayo nyakenye ngenxa yezinkinga athi wayebhekane nazo ekilabhini yakhe endala, kodwa ngo-2022 wenza kahle kulo mjaho elala isithathu ewugijima okokuqala.
USikhakhane waseMadadeni, eNewcastle owalala isithathu kwiJoseph Bhekizizwe Shabalala (JBS) Marathon yebanga lika-42km ngoFebhuwari, wakubeka kwacaca ngemuva kwalo mjaho owawuseMnambithi ukuthi wayewusebenzisela ukuzivivinyela ukuyobamba iqhaza kwiTwo Oceans azimisele kakhulu ngokwenza kahle kuyo.
“Njengoba ngangishilo ngenkathi ngiqeda ukugijima i-JBS Marathon ukuthi inhloso yami enkulu wukulungiselela iTwo Oceans, nakanjani sekunjalo sesifikile leso sikhathi.
Amalungiselelo ami ahambe kahle kakhulu, sengimagange ngokuyibamba ishisa nabanye ozakwethu engizobe ngiyibambe nabo oGivemore Mudzinganyama. Ngikhululuma nje kumanje sesikhona la eKapa ukuze sijwayele isimo sezulu salapha,” kusho uSikhakhane ekuqaleni kwesonto.
“I-Two Oceans isangikweleta, yingakho ngimagange futhi ngizimisele kakhulu ngokulwela ukungena kwabathathu abaphambili kulo nyaka. Ngiyazi ukuthi uma sengiphakathi kwabathathu abaphambili, lapho sekungenzeka noma yini.
Yingakho ngithathe isinqumo sokuthi ngingayigijimi eminye imijaho ezongikhathaza, okubalwa kuyo neCity 2 City Marathon, ukuze ngiye kwiTwo Oceans ngiyilungiselele kahle.
Ngokwesimo somqondo nangokumzimba, ngikulungele kakhulu ukuwugijima lo mjaho.
Sengibheke lona usuku langoMgqibelo,” kuqhuba uSikhakhane, ngokuzethemba.
Omunye umgijimi wangaphesheya koThukela obhekiwe ukuthi enze ezibukwayo kulo mjaho uZinhle ‘Mini Cooper’ Shabalala nyakenye ongene endaweni yeshumi kwi-Sanlam Cape Town Marathon.
Le ntokazi edabuka ePhayikeni, eMnambithi egijimela iHollywoodbets Athletic Club izoyibamba kulo mjaho isemfuthweni kwazise nyakenye yayiboshelwe eqenjini lakuleli okwakufanele liyogijima kwi-IAU 50km World Championships eyayise-India.
“Sonke sijimile sekuyoshiyana ukwenza eKapa”, kusho uShabalala.
ITwo Oceans ezogjinywa ngo-5.15 ekuseni, kusasa, eKapa, izovezwa bukhoma kwiSupersport Variety 4, Channel 209. Umjaho ka-21km uzokuba ngeSonto.