KUMDUMAZILE ukubona iqembu lakhe lihlulwa okwesine kulandelana kwi-United Rugby Championship, umqeqeshi weHollywoodbets Sharks, uJohn Plumtree.
ISharks ibibheke ukuqeda uhambo lwayo lwaphesheya ngegiya eliphezulu kodwa akwenzekanga. Iqunjwe phansi yiZebre ngo 12-10 eStadio Sergio Lanfranchi, e-Italy, ngoLwesihlanu ebusuku.
Ngaphambi kwalo mdlalo, ibisithelwe induku amaqembu ase-Ireland, iMunster neLeinster, ne-Ospreys yaseWales.
IZebre ibiqala ukunqoba umdlalo kusukela ngo-Ephreli ka-2022. Leli qembu lase-Italy beselihlulwe imidlalo engu-28 ilandelana ngaphambi kokuthi livuke ngeSharks.
Linqobe ngamaphenathi amathathu akhahlelwe uGeronimo Prisciantelli neyodwa kaJacopo Trulla. ISharks ithole i-try eyodwa ebekwe nguCameron Wright, uBoeta Chamberlain washaya i-conversion eyodwa nephenathi eyodwa.
"Sihlulekile ukwenza izinto ngendlela efanele kulo mdlalo. Indlela esihluleke ngayo ukulwela amabhola abesemoyeni ivumele iZebre ukuthi idlalele engxenyeni yethu yenkundla, yasifaka ngaphansi kwengcindezi," kusho uPlumtree.
"Abadlali bethu abasebancane bavale kahle emuva, iZebre yangakwazi ukuthola i-try kodwa bekufanele siligcine kangcono ibhola.
Besingawunqoba umdlalo owodwa noma emibili kulolu hambo ngakho-ke sidumele njengoba kungenzekanga.
"Sesibheke ngabomvu ukubuyela ekhaya ukuze siqale kabusha. Sizosebenza kanzima ngoba sikholwa ukuthi sisengathuthuka, sibuyele ezingeni lethu elifanele.”
ISharks izodlala umdlalo owokuqala ekhaya neConnacht yase-Ireland ngoMgqibelo, ngo-5 ntambama. Leli qembu likaPlumtree lisemsileni ngephuzu elilodwa emidlalweni emine, elilithole ngoLwesihlanu ngesikhathi linqotshwa ngamaphuzu angaphansi kwamane.
IBulls iqhwakele kwi-log ngamaphuzu angu-15 emidlalweni emine. IStormers isendaweni yesishiyagalombili namaphuzu angu-11, iLions ilele kweka-12 ngamaphuzu ayisishiyagalombili.