LUNGILE MAJOKA
UNGENE eqengqeleza eMgungundlovu, uPiet Wiersma, enqoba umjaho ka-97 weComarades ngo-5:24:56 obusuka eCity Hall, eThekwini, uyophelela eScottville Racecourse, ngeSonto.
Kwagcina ngo-2011 ngoStephen Muzhingi waseZimbabwe ukuthi lo mjaho unqotshwe umgijimi ongasiyena owakuleli kwabesilisa.
UWiersma waseNetherlands (26) udle ubhedu eshiya abagijimi baseNingizimu Afrika abebebhekiwe, okubalwa umpetha wanyakenye uTete Dijana, no-Edward Mothibi owagcina ukunqoba kunyukwa ngo-2019.
Ngaphambi uWiersma uveze ukuthi amalungiselelo akhe amubuke eKenya lapho ehlale khona izinyanga ebhekene nokuziqeqeshela iComrades.
UWiersma wangena endaweni yesibili nyakenye ngemuva ngemuzizwana emithathu kuDijana. Uthe ukunqoba iComrades yikhona abelokhu ephupha ngakho njengoba ekholwa wukuthi kuzomenza afeze iphupho lakhe lokungena ngokuphelele kwezokugijima.
Ngokuphuma phambili uhlomule ngesheke lika-R825 000. Uhlulekile wukuphula irekhodi (5:24:49), elabekwa uLeonid Shvetsov waseRussia ngo-2008. Umgijimi obezoliphula ubebekelwe u-R500 000 ngaphezulu kwesamba asinqobile.
UDan Moselakwe wakuleli ungene endaweni yesibili kwathi uDegafa Lafebo wase-Ethiopia walala isithathu