UFUNGA uyagomela uSanele “Tonardo” Msimang (32) ukuthi uzosikhiphela kuLuvuyo Mputhi wase-Eastern Cape isibhongo sokuhluleka wukunqoba isicoco sikazwelonke seLightweight eminyakeni edlule.
Lo mshayisibhakela wasePanekeni, eNtshanga unyelwe yinyoni esandleni eqhathwa noMputhi kweyebhande elingaphathwe muntu leWBF International Junior Welterweight.
Bazolibanga emqhudelwanweni ohlelwa yiSyathaba Boxing Promotions ozokuba sePortuguese Club eMbilo eThekwini ngo-Agasti 5.
Esithangamini sabezindaba ePinetown, uMsimang uveze ukuthi ujabule kakhulu ngokuthola ithuba lokulwela iWBF.
Uthe uzokwenza isiqiniseko sokuthi akawenzi amaphutha azoholela ekutheni aphunyukwe yibhande likazwelonke leLightweight.
“Inhliziyo yami yaba buhlungu kakhulu ngishaywa nguMunyai. Ngaphuthwa yithuba lokuba yingqwele yaseNingizimu Afrika,” kusho uMsimang.
“Ngibuye ngizisole, ngenza amaphutha amaningi kuleya mpi. Kulokhu ngizokwenza isiqiniseko sokuthi lisala KwaZulu-Natal ibhande le WBF.
“Okuhle ukuthi sengiqeqeshwa uBhubesi osekhiqize ompetha abayisithupha. Ngiqale ngoMeyi ukulungiselela le mpi.
“Isizathu sokuthi ngiqale ngoMeyi wukuthi ngayo lenyanga bengizolwa naye uMputhi kweyebhande le-ABU. Nokho le mpi yagcina ibhuntshile,” kusho yena.
Uthe akabange esakuyeka ukujima ngoba uSandile Vilakazi weSyathaba ungithembise ukuthi ngo-Agasti uzongiqhatha. Nakhu ngempela kuyenzeka.
Uveze ukuthi uMputhi ufana nencwadi evaliwe kuye, akakaze ambone nakanye uMputi elwa njengoba ehluleke wancama nokuthola izimpa zakhe eziqoshiwe.
Uqhubeke ngokuthi okuhle wukuthi uma ejima akayibheki imbangi yakhe ukuthi ilwa kanjani. Usemdala kulo mdlalo.
Ezimpini ezingu-19, unqobe ezingu-15, wahlulwa kwezine. UMsimang ugcine ukulwa ngoSepthemba wanyakenye eshaya ngamaphuzu uSibonelo Nzimande.
Ezimpini ezimbili uMputhi agcine ukuzilwa ushaye ngomgqimuzo womlalisa phansi uLukhanyo Kaptein noSikholele Thusi.
Unqobe izimpi eziyisithupha, wahlulwa kwezintathu. USandile Vilakazi uthe amathikithi azobiza u-R50.
“Ngicela umphakathi wakithi uphume ngobuningi ukuzobuka lezi zimpi. Zizoba mnandi kakhulu, kuqhathwe amabhokisa ezinga eliphezulu. Ziqala ngo-2 ntambama,” kusho uMsimang.
Ngo-Okthoba wango-2021uMsimang oseqeqeshwa nguSizwe “Bhubesi" Mthembu eThekwini Gym, waphuthwa yithuba lokuba yingqwele yebhande likazwelonke kwiLightweight.
Washaywa nguTshifhiwa Munyai ngomngqimuzo womlalisa phansi empini eyayiseGoli. Wasivikela kanjalo isicoco uMunyai.
Kulezi zimpi uMxolisi waKwaNongoma uzovikela ibhande leKZN Bantamweight kuMenelisi Ndlovu waseCato Ridge.
Sezizonke izimpi kulo mqhudelwano ziyisithupha.