IBHOKISA laseMtubatuba, uSabelo "Mkhonto" Cebekhulu, lizoya ezimpini zeMvelo Boxing Promotions lihleka lodwa emuva kokuvela kwezithi ngasekupheleni konyaka lizolwela ibhande le-IBO Bantamweight.
NgoJulayi 28, uCebekhulu uzoxhimfana noLayten Gloss waseGauteng, empini yokungcweka kwiBantamweight ezoba seCity Hall, eMgungundlovu.
UZwilenkosi Magudulela weLudonga Boxing Promotions, eqhatha izimpi zikaCebekhulu, uveze ukuthi ngempi kaGloss bazobe belungiselela eyebhande le-IBO Bantamweight ezoba ngoNovemba 18, eMtubatuba.
Lesi sicoco kasiphethwe muntu. UCebekhulu uzosibanga no-Alfred Muwowo waseZambia.
“Okusijabulisayo ukuthi sesiyitholile incwadi kwi-IBO esinika igunya lokwenza le mpi. Osekusele wukuthi ngoLwesine (kusasa) sihlangane noMasipala wesiFunda Umkhanyakude ngenhloso yokucela uxhaso,” kusho uMagudulela.
“Kuzoqopheka umlando, kuzoba ngokokuqala eMkhanyakude kuliwelwa impi yesicoco esikhulu ngale ndlela.
“Uzokhumbula ukuthi ezimbili ze-IBO, ezaziqhathwe yiLudonga eminyakeni eyedlule, uMoruti Mthalane wazilwela eThekwini.
“Sibonga kakhulu kuNomvelo ngokusinika ithuba ngekaJulayi 28. Le mpi izomsiza kakhulu uCebekhulu.
“Sidinga ukuzilungiselela ngendlela yeqophelo eliphezulu. UMuwowo uyibhokisa eliyingozi. Uzinqobe zowu-11 izimpi asezilwile,”
UMagudulela uthe afana nasephelile amalungiselelo empi kaCebekhulu noGloss (ekaJulayi 28).
Ezilinganisweni zeBoxing South Africa (BSA) kwiBantamweight, uGloss ogcine eshaywe ngu-Akani Sambu ngomcacamezelo womlalisaphansi, ukleliswe kweyesine.
Usanqobe eziyisishiyagalombili, wahlulwa kwezine.
UCebekhulu ocijwa nguSizwe “Bhubesi” Mthembu, ukweyesishiyagalombili.
Naye akawazi umpetshisi selokhe engene esigabeni esikhokhelayo. Unqobe eziyisithupha.
Kuzokhumbuleka ukuthi ngoDisemba nyakenye unqobe iWBF International Bantamweight.
Empini yosuku, ngoJulayi 28, uPrince "The Demon" Dlomo waseTaylors, khona eMphithi, uzovikela ibhande lakuleli leJunior Welterweight kuMarcus “King Labamba" Lebogo waseGauteng.
Kuzobe kungokwesine evikela lesi sicoco selokhu esinqobe kuXolani Mcotheli ngo-2021.
Enye impi yesicoco kulezi zimpi zeMvelo Boxing Promotions kaNomvelo Magcaba-Shezi, iphakathi kukaNjabulo Buthelezi ozovikela eseKZN Flyweight kuNkosingiphile Sibisi.
Yimpi yomkhaya, bobabili basuka eMnambithi.
NgoJulyi 28, amasango azovulwa ngo-5 ntambama. Abiza uR100 amathikithi ajwayelekile bese eba nguR200 kwabazohlala eduze kweringi.