KUVUKE iminjunju ngobhubhane lobugebengu obunodlame oluhlasele eNingizimu Afrika ukudutshulwa kubulawe kwesitobha seKaizer Chiefs, uLuke Fleurs, oshonele esibhedlela kulandela ukudunwa imoto yizigebengu ezimbili ngoLwesithathu ebusuku eHoneydew, eGoli.
UFleurs (24) ujoyine iChiefs ngo-Okthoba nyakenye esuka kwiSuperSport United. Ubengakadlali nowodwa umdlalo kuMakhosi.
Njengoba ibilokhu ingene njalo imiyalezo yenduduzo ibhekiswe emndenini walo mdlali, abangani bakhe neChiefs abesemabhukwini ayo kodwa bekungazibeki ukuthi indaba yakhe ithunuke abaningi ngobugebengu obudlange kuleli.
Akayena umdlali wokuqala weqembu leDStv Premiership esikhathini esingengakanani ukudlula emhlabeni ngenxa yobugebengu.
Nyakenye u-Oshwin Andries weStellenbosch FC wagwazwa washona ngakubo eKlapmuts, eStellenbosch.
Kosaziwayo abebedlulisa amazwi enduduzo emakhasini abo ezokuxhumana bekugqame uvalo lokungakwazi ukukhululeka ngokugcwele ezweni ngenxa yobungozi bobugebengu obudlangile.
Ngesikhathi ebhonga emswaneni ngokubulawa kukaFleurs u-@TMgubhela ekhasini lakhe lika-X uthe: “Ingiphula umoya indaba kaFleurs.
Ngiyafisa ukwazi ukuthi ubani lo onika izigebengu igunya lokwenza noma yini eziyithandayo?
Yini abazoyizuza ngokubulala umfana omncane obenekusasa eliqhakazile. Ngemoto nje sekungaze kuphume umphefumulo womuntu othembisayo? kubuza uTMgubhela.
Sekuyisikhathi sokuthi amaphoyisa aqondise ekhanda manje.
“Kuqale kwaba uLucky (Dube), Dumi (Masilela), Mandla Hlatshwayo, Charles Yohane, manje sekuwuFleurs. Sekwanele!”
ULucas Radebe owayengukaputeni weBafana Bafana futhi wadlala nakuMakhosi, uhambe emgqeni ofanayo ngesikhathi eduduza umndeni wakwaFleurs ekhasini lakhe lika-X.
“Ibuhlungu le nto. Ubugebengu kuleli busezingeni elethusayo. Ubugebengu sebuphinde basiphuca elinye ithalente elethembisayo, lingakaqhakazi ngokugcwele.
“Ngidlulisa amazwi enduduzo emndenini kaFleurs, abangani neChiefs,” ibhale kanje le nkakha eyayidume ngelikaRhoo.
URadebe ubephendula kobekuphanyekwe uNgqongqoshe wezeMidlalo kuzwelonke, uZizi Kodwa naye obekhala ngokuthi umuntu omusha obegqamile emphakathini ubulawe ubugebengu.
“Ngibuhlungu ngokushona kwalo mdlali weChiefs oke wadlalela nezikwati ezincane zeqembu lesizwe laseNingizimu Afrika.
“Okungizwisa kakhulu ubuhlungu ukuthi ubugebengu sebuphinde basephuca impilo yomunye obesemncane futhi obethembisa,” kusho uKodwa embhalweni wakhe ku-X.
IPremier Soccer League (PSL) imemezele ukuthi yonke imidlalo yayo yangempelasonto okuhlanganisa neyeMotsepe Foundation Championship, izoqalwa ngomzuzu wokuhlonipha uFleurs.
ISouth African Football Association (Safa) namaqembu e-PSL ngokwahlukana kwawo bebeshiyelana inkundla bekhalisana neChiefs nomndeni kaFleurs ngemiyalezo yenduduzo emakhasini awo ezinkundla zokuxhumana.
NgoLwesine iChiefs iqinisekisa ukudlula emhlabeni kukaFleurs, izwakalise ukudabuka, yadlulisa amazwi endunduzo kubangani nezihlobo.
“Sithandazela umndeni wakhe nabangani kulesi sikhathi esinzima. ISAPS iyona ephethe udaba.
“Imininingwane eminye izokhishwa ngokuhamba kwesikhathi,” kusho ingxenye yesitatimende seChiefs esifake emakhasini ayo ezinkundla zokuxhumana.