UBONA eyimele kahle iKwaZulu-Natal uSibusiso Kubheka olale isithathu ebangeni lika-10 000m kuma-ASA Senior Tracks And Field National Championships abeseMsunduzi Athletics Stadium, eMgungundlovu.
Le nsizwa egijimela iXcel Running Club, ingene endaweni yesithathu, ngesikhathi esiwu-29:43.02. Kwenzeka lokhu, bekungokokuqala igijima leli banga kuma-ASA Senior Track & Field.
UKubheka, ocijwa wuqweqwe lomqeqeshi uXolani Mabhida utshele leli phephandaba ukuthi kuhambe njengokufisa kwakhe nomqeqeshi wakhe.
Ngesikhathi kuqhuma isibhamu, uKubheka akazange azibeke phansi.
Uhlale ethimbeni ebelihamba phambili, obekukhona kulo uNadeel Wildschutt weBoland Athletics (Bola), ogcine enqobile ngesikhathi esiwu-29:15.09.
Kweyesibili kube uPuseletso Mofokeng we-Athletics Central North West (ACNW) ngesiwu-29:19.02.
Ukwenza kahle kukaKubheka kujabulise abaningi, kwazise iKwaZulu-Natal ayijwayele ukwenza kahle kulo mqhudelwano noma kwi-track & field.
Ngonyaka odlule, leli banga emqhudelwaneni ofanayo kunqobe uMbuleli Mathanga ongasekho emhlabeni.
UMathanga wayenqobe ngesiwu-28:24.74. Ngesikhathi kuqhubeka umjaho bekubukwa uKubheka, uWildschutt noMofokeng.
Laba bobathathu bebelokhu beshintshana endaweni yokuqala. Nezihlwele zasekhaya bezingazibekile phansi ekwesekeni uKubheka.
Nokho sekusele imizuzwana kuphele umjaho, usale ngemuva uKubheka.
UWildschutt uqhashise okwenhlamvu, washaya intambo kwachwaza yonke inkundla. UKubheka ubonge kakhulu kubantu abamesekile.
"Kuhambe njengokufisa kwethu. Ukukhuluma iqiniso, besingakubhekile ukunqoba, besifuna yona indawo yesithathu.
“Bekungokokuqala ngigijima u-10 000m kuma-ASA Senior Track & Field. Nakuba kunjalo kodwa bengingathukile,"kubeka uKubheka waseZwelethu, eMpumalanga.
Ebuzwa ukuthi konakale kuphi njengoba ubebuye abonakale ezihola, uthe: “Hheyi, bewunzima loya mzila.
“Ngicabanga ukuthi into engilimazile ukuthi izimbangi zami bezilenyusa izinga, ziphinde zilehlise. Ngifunde lukhulu. Emqhudelwaneni olandelayo ngizokwenza kangcono.“
Kwezinye izindondo ebezibangwa ngoLwesine obekuwusuku lokuqala, uGlenrose Xaba unqobe ebangeni lika-5000m (15:48:04).
Endaweni yesibili kungene uPrudence Sekgodiso weKwaZulu-Natal Athletics (KZNA) ngesiwu-16:02.02.