UKAPUTENI wamaBhokobhoko, uSiyamthanda Kolisi, usale enelisekile ngendlela abadlale ngayo kwiRugby Championship yale sizini yize liphunyukwe ithuba lokukhala lemuke nesicoco esigcine sihambe neNew Zealand.
Amabhokobhoko agcine elala isibili kwiChampionship kulandela ukunqoba ngo-38-21 kwi-Argentina ngoMgqibelo, eKing’s Park Stadium, eThekwini.
Elakuleli belidinga ukuwina ngephuzu lombhanso emdlalweni wawo wokusonga lo mqhudelwano noma anqobe ngamaphuzu angu-39 ukugudluza iNew Zealand esicongweni okuyiyona egcine igoduke nesicoco.
Ama-All Blacks akwenze lokhu ngokubhudluza i-Australia ngo-40-14 e-Auckland, eNew Zealand ngoMgqibelo ekuseni ngokwesikhathi sakuleli.
“Kusemqoka ukukhumbula ukubaluleka kokuwina umdlalo sibhekene nelinye lamazwe anzima cishe kunawo wonke ngombhoxo emhlabeni,” kusho uKolisi ngemuva komdlalo ne-Argentina eThekwini.
“Siqale lo mqhudelwano sinohlelo oluthile kodwa asizange sifinyelele kulona. Yize kungemnandi lokho kodwa kuyasiduduza ukuthi sishode kancane ngokwezibalo kulokhu abesizibekele khona,” kusho yena.
“Okuningi bekuhamba ngendlela emdlalweni kwazise kunesikhathi lapho sike sahamba khona phambili ngo-17-0 sisazimisele futhi ngokuqhubeka kodwa kwangenzeka.
”Lokhu kulandelwe ukuthi izinto zivele zonakale kakhulu sesibavumela ukuthi balale emgqeni kungakayiwa ngisho ekhefini.
“Akuzange kusisize nokuthi sibavumele ukuthi kube ibona ababuya ngomfutho esiwombeni sesibili. Amakhadi amabili aphuzi awazange asisize nawo,” kusho lo kaputeni.
Yize umphathe kabi umphumela womdlalo kodwa wenelisekil ngendlela iqembu elidlale ngayo emqhudelwaneni usuwonke.
“Nakuba umphumela ungewona lo ebesiwubhekile kwiChampionship kodwa kusiqinisa idolo ukwazi ukuthi siyiqembu elikwaziyo ukwakha amathuba.
“Izinhlelo zethu zihamba kahle isikhathi siningi kodwa kufanele silungise ngasekusetshenzisweni kwamathuba okuseyikhona okusasihlula okwamanje.”
UKolisi ukholelwa ekutheni iChampionship ibacije ngokwanele ukuthi bazofika emidlalweni yokusonga unyaka ne-England, France, Ireland ne-Italy, bevutha bengabaselwe.
“Kunezikhathi lapho besidlala khona kahle kwiChampionship kanti kunezinye lapho sikhombise khona ukuba buthaka.
“Umqhudelano olandelayo uzosinika ithuba lokuzibona ukuthi siyakwazi yini ukugcina umqqigqo okuyiwona odingekayo ukunqoba ezingeni lomhlaba. Siyazazi ukuthi singanqoba ngisho ngabe sibhekene naliphi izwe emhlabeni,” kusho uKolisi.