UKAPUTENI wamaBhokobhoko, uSiya Kolisi, uthi nakuba behlabeke umxhwele ngokunqoba kwabo i-Italy, emdlalweni wesithathu wohambo lwaphesheya, kodwa lo mphumela ngeke usho lukhulu uma bengawulandelanisi nomunye omuhle kule mpelasonto ezayo.
AmaBhokobhoko abesebonakala njengompetha bomhlaba abaphelelwe ushatini ngemuva kokudliwa yi-Ireland neFrance imidlalo ilandelana. Nokho asibuyisile isithunzi ngokubhuqa i-Italy ngo-63-21 eLuigi Ferraris Stadium, eGenoa, ngoMgqibelo ntambama.
Ama-try amabili ashaywe nguKurt-Lee Arendse, kwathi uBongi Mbonambi, Cheslin Kolbe, Kwagga Smith, Malcolm Marx, Steven Kitshoff, Damian Willemse noCobus Reinach bashaya i-try eyodwa ngamunye. UKolbe ukhahlele ne-conversion eyodwa namaphenathi amabili, uMannie Libbok wabeka phakathi ama-conversion amahlanu.
“Ukungawasebenzisi amathuba yinto ebeyenza sidonse kanzima emidlalweni eminingi kulo nyaka. Sisebenze kanzima ukuze sifinyelele ezindaweni eziyingozi enkundleni futhi besazi ukuthi kufanele siwasebenzise amathuba aqhamukayo ngoba kungenzeka singawatholi amanye,” kusho uKolisi.
“Sigijime kahle ngebhola kulo mdlalo ne-Italy futhi sakha ama-try kodwa yinto okumele siyenze njalo leyo. Ngeke sikwenze namuhla bese siyahluleka ukuphinda emdlalweni wethu olandelayo. Kufanele senze ngendlela efanayo uma sesibhekene ne-England.”
Yize amaphuzu ekhombisa ukuthi iqembu lakuleli belizigwazela ibhece kodwa uKolisi uthe umdlalo ubungelula. Ngesikhathi kuyiwa ekhefini, ezikaKolisi bezihamba phambili ngo-18-13 kuphela ngaphambi kokuthi zinyuse igiya esiwombeni sesibili.
"Bekuwumdlalo omkhulu kithina futhi i-Italy iyiqembu elimangalisayo. Ngicabanga ukuthi into esisebenzele indela esizilungiselele ngayo. Sibakhombise inhlonipho ebafanele, njengoba bengishilo ngaphambi komdlalo," kuqhuba uKolisi.
“Bayiqembu elehlukile kunalokhu ababeyikho eminyakeni embalwa edlule futhi bekufanele siwakhiphe onke amangwevu ethu. Bekunzima esiwombeni sokuqala, kwadingeka ukuthi sizimisele."
AmaBhokobhoko angene kulo mdlalo esanda kuthola izindaba ezimbi zokuthi azoqedela lolu hambo ngaphandle kwamalungu amabili aleli qembu amqoka.
UPieter-Steph du Toit, odlala kwi-lock, umiswe amasonto amathathu ngemuva kokuthola ikhadi elibomvu ngokudlala kabi bebhekene neFrance, kwathi umqondisi webhola lombhoxo eNingizimu Afrika, uRassie Erasmus, wamiswa imidlalo emibili ngokugxeka onompempe enkundleni yokuxhumana.
UKolisi uthe abazange bavumele lezi zinto ezibehlele ngaphandle kwenkundla ukuthi zibaphazamise kulokho obekumele bakwenze enkundleni ukuze banqobe lo mdlalo ne-Italy.
“Lezi zinto ziyenzeka, sibhekana nobunzima ngaso sonke isikhathi. Siphuma ezweni elinezinselelo eziningi ngakho-ke kumele sizisebenzise lezo zinto ukuze zisikhulise,” usho kanje.
“Imiqondo yethu ibigxile emdlalweni. Noma bekungenzekani besisazogxila emdlalweni ngoba bekubaluleke kakhulu kithina ukuthi siwunqobe.
“Umqeqeshi uJacques (Nienaber) noRassie basitshele ukuthi sidlale ngendlela efanele kodwa singakhohlwa ukudlala ngentokozo. Basicele ukuthi sikhumbule ukuthi yini eyenza siqale ukudlala ibhola lombhoxo. Lezo yizinto ezifana nokulangazelela ukushaya ama-try, ukugijima nebhola nokusebenzisa amandla ethu. Sikwenzile lokho futhi saphumelela. Njengoba ngishilo, ukukwenza kanye akwanele, kuzofanele sikuphinde futhi. Yize besihlulwe imidlalo emibili ilandelana bengikholelwa ekutheni sisendleleni efanele."
AmaBhokobhoko azosonga uhambo lwawo lwaphesheya ngokugadulisana ne-England eTwickenham, ngoMgqibelo ebusuku.
Babize uThomas du Toit, Marco van Staden, Ntuthuko Mchunu noGrant Williams eqenjini le-South Africa A ukuze bazovala izikhala zabadlali okumele babuyele emaqenjini abo.
Laba badlali ngoCheslin Kolbe, Andre Esterhuizen, Cobus Reinach, Jasper Wiese, Vincent Koch noTrevor Nyakane.